Lumina
SongofSolomon

Love is Strong as Death

SongofSolomon 8·Zulu Bible

1Sengathi nga unjengomfowethu owancela amabele kamame! Uma bengikufumana phandle, bengiyakukwanga ngingadelelwa muntu.

2Bengiyakukuhola, ngikuyise endlini kamame; ubuyakungifundisa; bengiyakukuphuzisa iwayini eliyolisiweyo, amanzi ompomegranati wami.

3Isandla sakhe sokhohlo besiyakubaphansi kwekhanda lami, nesokunene sakhe besiyakungigona.

4Ngiyanifungisa, madodakazi aseJerusalema, ukuba ningalunyakazisi, ningaluvusi uthando, lungakavumi.

5Ngubani owenyuka ehlane encike kothandiweyo wakhe na? Phansi komapula ngakuvusa; lapho unyoko wayenemihelo ngawe, khona lapho wayenemihelo owakuzalayo.

SongofSolomon 8 illustration - SongofSolomon Chapter 8

6Ngifake njengophawu enhliziyweni yakho, njengophawu engalweni yakho, ngokuba uthando lunamandla njengokufa; isikhwele silukhuni njengendawo yabafileyo; amalangabi alo angamalangabi omlilo, ilangabi likaJehova.

7Amanzi amaningi awanakulucima uthando, nemifula ayinakuluminzisa; uma umuntu ebeyakunika yonke impahla yendlu yakhe ngothando, nokho ubeyakwaliwa nokwaliwa.

8Sinodadewethu omncane, kanawo amabele; siyakwenza njani ngodadewethu ecelwa na?

9Uma elugange, siyakwakha phezu kwakhe umbhoshongwana wesiliva; uma eyisicabha, siyakumvalela ngamapulangwe omsedari.

10Ngilugange, namabele ami anjengemibhoshongo; khona ngaba semehlweni akhe njengofumene ukuthula.

SongofSolomon 8 illustration - SongofSolomon Chapter 8

11USolomoni wayenesivini eBali Hamoni; wasinika isivini kubaphathi; baletha, kwaba yilowo nalowo, izinhlamvu eziyinkulungwane zesiliva ngezithelo zaso.

12Isivini esingesami siphambi kwami; inkulungwane mayibe ngeyakho, Solomoni, namakhulu amabili abe ngawabaphathi bezithelo zaso.

13Wena ohlala emasimini, abangane balalela izwi lakho; ake ungizwise lona.

14Shesha, othandiweyo wami, ufane nensephe nesixhumo sendluzele ezintabeni zamakha.

Chapter Complete

You have read SongofSolomon 8

14 verses