1Ihubo likaDavide. UJehova ungumalusi wami, angiyikuswela.
2Uyangilalisa emadlelweni aluhlaza; uyangiyisa ngasemanzini okuphumula.
3Ubuyisa umphefumulo wami; uyangihola ezindleleni zokulunga ngenxa yegama lakhe.
4Noma ngihamba esigodini sethunzi lokufa, angesabi okubi, ngokuba wena unami, intonga yakho nodondolo lwakho ziyangiduduza.
5Ulungisa itafula phambi kwami ebusweni bezitha zami; ugcoba ikhanda lami ngamafutha; indebe yami iyachichima.

6Impela okuhle nomusa kuyakungilandela imihla yonke yokuphila kwami; ngiyakuhlala endlini kaJehova kuze kube phakade.
You have read Psalms 23
6 verses