1Ngiyintebe yaseSharoni, nomnduze wezigodi.
2Njengomnduze phakathi kwameva, sinjalo isithandwa sami phakathi kwezintombi.
3Njengomapula phakathi kwemithi yasehlathini, unjalo othandiweyo wami phakathi kwamadodana. Ngahlala phansi emthunzini wakhe ngokwenama okukhulu, nesithelo sakhe sasimnandi emlonyeni wami.
4Ungingenisile endlini yewayini, nebhandela lakhe phezu kwami liluthando.
5Ngiphaseni ngezigaxa zezithelo zomvini ezomileyo, ngihlumelele ngama-apula, ngokuba ngiyafa uthando.

6Isandla sakhe sokhohlo siphansi kwekhanda lami, nesokunene siyangigona.
7Ngiyanifungisa, madodakazi aseJerusalema, ngezinsephe nangezindluzelekazi zasendle ukuba ningalunyakazisi, ningaluvusi uthando, lungakavumi.
8Nanto izwi lothandiweyo wami! Bheka, uyeza eqa ezintabeni, etshekula emagqumeni.
9Othandiweyo wami unjengensephe noma njengesixhumu sendluzele; bheka, umi emva kodonga lwakwethu; uyalunguza emafasiteleni, ubonakala ngaseheleni.
10Othandiweyo wami wakhuluma, wathi kimi: “Vuka, sithandwa sami, muhlekazi wami; woza sihambe,

11ngokuba bheka, ubusika budlulile; imvula isiphelile, yamuka;
12izimbali ziyabonakala emhlabeni, nesikhathi sokuthena imivini sesisondele, nezwi lehobhe liyezwakala ezweni lakithi.
13Umkhiwane uthela amakhiwane awo aluhlaza, imivini inezimbali, ithaphuka iphunga layo; vuka, sithandwa sami, muhlekazi wami; woza sihambe.”
14Juba lami elisemifantwini yamadwala nasekusithekeni kweziwa, mangibone ubuso bakho, ngizwe izwi lakho, ngokuba izwi lakho limnandi, nobuso bakho buhle.
15Sibambeleni izimpungushe, izimpungushe ezincane ezichitha izivini, ngokuba izivini zethu zinezimbali.

16Othandiweyo wami ungowami, mina ngingowakhe; uyalusa phakathi kweminduze.
17Kuze kuphole ilanga, namathunzi abaleke, mawube njengensephe, wena othandiweyo wami, nanjengesixhumu sendluzele ezintabeni eziqhekezekileyo.
You have read SongofSolomon 2
17 verses