Lumina
Psalms

The LORD is Holy

Psalms 99·Zulu Bible

1UJehova uyinkosi; mabathuthumele abantu; uhlezi phezu kwamakherubi; mawuzamazame umhlaba.

2UJehova mkhulu eSiyoni, uphakeme phezu kwezizwe zonke.

3Mababonge igama lakho elikhulu nelesabekayo; ungcwele yena.

4Amandla eNkosi athanda okulungileyo, umisile ubuqotho; ukwahlulela nokulunga ukwenzile kwaJakobe.

5Mphakamiseni uJehova uNkulunkulu wethu, nikhuleke ngasesanabelweni sezinyawo zakhe; ungcwele yena.

Psalms 99 illustration - Psalms Chapter 99

6OMose no-Aroni babe phakathi kwabapristi bakhe; uSamuweli wayephakathi kwabakhulekayo egameni lakhe. Bakhuleka kuJehova, yena waphendula.

7Wakhuluma kubo esensikeni yefu; bagcina ubufakazi bakhe nezimiso abanika zona.

8Jehova Nkulunkulu wethu, wena ubaphendulile, waba kubo uNkulunkulu othethelelayo nophindiselayo ngezenzo zabo.

9Mphakamiseni uJehova uNkulunkulu wethu, nikhuleke ngasentabeni yakhe engcwele, ngokuba ungcwele uJehova uNkulunkulu wethu.

Chapter Complete

You have read Psalms 99

9 verses