Lumina
Psalms

From the Depths

Psalms 88·Zulu Bible

1Igama. Ihubo lamadodana kaKora. Kumholi wokuhlabelela. NgeMahalati Leyanoti. IMaskili likaHemani umEzra. Jehova Nkulunkulu wensindiso yami, ngikhala imini nobusuku phambi kwakho.

2Umkhuleko wami mawufike ebusweni bakho, indlebe yakho uyibeke ekunxuseni kwami.

3Ngokuba umphefumulo wami ugcwele izinsizi, ukuphila kwami kusondele endaweni yabafileyo.

4Ngibalwa kanye nabashona emgodini, nginjengomuntu ofileyo.

5Icansi lami liphakathi kwabafileyo; nginjengababuleweyo abalele ethuneni, ongasabakhumbuli, benqunyiwe esandleni sakho.

Psalms 88 illustration - Psalms Chapter 88

6Ungibekile emgodini ojulile kunayo yonke, ebumnyameni, otweni.

7Kuyangisinda ukuthukuthela kwakho; amadlambi akho onke ayangicindezela phansi. Sela

8Engikade ngazana nabo ubaxoshele kude, wangenza ngibe yisinengiso kubo; ngivalelwe, ngingephume.

9Iso lami liyafa ngosizi; ngikhala kuwe Jehova imihla yonke, ngizelulela izandla zami kuwe.

10Abafileyo uyakubenzela isimangaliso na? Ziyakuvuka yini izithunzi, zikubonge, na? Sela

Psalms 88 illustration - Psalms Chapter 88

11Kuyalandiswa yini ethuneni ngomusa wakho, nangokuthembeka kwakho endaweni yokubhujiswa na?

12Izimangaliso zakho ziyaziwa yini ebumnyameni, nokulunga kwakho ezweni lokukhohlwa na?

13Kepha mina, Jehova, ngikhala kuwe; ekuseni umkhuleko wami uyenyuka phambi kwakho.

14Jehova, ulahlelani umphefumulo wami, ungifihlelelani ubuso bakho na?

15Ngihluphekile, ngingofayo kusukela ebusheni bami; ngithwele ukwesabeka kwakho, ngiphelile.

Psalms 88 illustration - Psalms Chapter 88

16Ulaka lwakho olushisayo lungehlele; ukwesabisa kwakho kungiqedile.

17Kungizungeza njengamanzi imihla yonke, kungikaka kanyekanye.

18Isihlobo nomngane ubaxoshele kude; ubumnyama bungumhlobo wami.

Chapter Complete

You have read Psalms 88

18 verses