Lumina
Psalms

Mercy and Truth Met

Psalms 85·Zulu Bible

1Kumholi wokuhlabelela. Elamadodana kaKora; Ihubo. Jehova, wabusisa izwe lakho, wambuyisa uJakobe ekuthunjweni.

2Wasusa icala labantu bakho, wasibekela zonke izono zabo. Sela

3Wamukisa yonke intukuthelo yakho, waphenduka ekuvutheni kolaka lwakho.

4Sibuyise, Nkulunkulu wensindiso yethu, ulahle ukusicanukela kwakho.

5Uyakusithukuthelela njalonjalo na? Uyakwelulela ulaka lwakho ezizukulwaneni ngezizukulwane na?

Psalms 85 illustration - Psalms Chapter 85

6Awuzukusivusa, sibuye siphile, ukuze abantu bakho bathokoze ngawe, na?

7Sitshengise umusa wakho, Jehova, usiphe insindiso yakho.

8Mangizwe lokho uNkulunkulu uJehova azakukukhuluma; uyakhuluma ukuthula kubantu bakhe nakubo abamesabayo; mabangabuyeli ebuwuleni.

9Impela insindiso yakhe iseduze nabamesabayo, ukuze kuhlale udumo ezweni lethu.

10Kuyakuhlangabezana umusa neqiniso, kwangane ukulunga nokuthula.

Psalms 85 illustration - Psalms Chapter 85

11Kuyakuhluma iqiniso emhlabeni, kulunguzele phansi nokulunga kwasezulwini.

12Yebo, uJehova uyakuveza okuhle; izwe lethu liyakuthela izithelo zalo.

13Ukulunga kuyakuhamba phambi kwakhe, kwenzele izinyawo zakhe indlela.

Chapter Complete

You have read Psalms 85

13 verses