1Kumholi wokuhlabelela. NgeGititi. Elamadodana kaKora. Ihubo. Zithandeka kangaka izindlu zakho, Jehova Sebawoti.
2Umphefumulo wami ulangazelela, womela amagceke kaJehova; inhliziyo yami nomzimba wami kuyahuba ngokwethaba kuNkulunkulu ophilayo.
3Ngokuba umzwilili ufumene indlu, nenkonjane isidleke sayo, lapho ibeka khona amazinyane ayo, ngisho ama-altare akho, Jehova Sebawoti, Nkosi yami, Nkulunkulu wami.
4Babusisiwe abahlala endlini yakho; bayakuhlala bebonga wena. Sela
5Ubusisiwe umuntu omandla akhe akuwe, abazindlela zakho zisezinhliziyweni zabo.

6Bedabula imfunda yezinyembezi bayenza ibe yindawo yeziphethu; yebo, nemvula yokuqala iyayisibekela ngezibusiso.
7Baqhubeka emandleni, baze babonakale phambi kukaNkulunkulu eSiyoni.
8Jehova Nkulunkulu Sebawoti, yizwa umkhuleko wami, ubeke indlebe, Nkulunkulu kaJakobe. Sela
9Wena Nkulunkulu, siHlangu sethu, bheka, ubuke ubuso bogcotshiweyo wakho.
10Ngokuba usuku lunye emagcekeni akho luhle kunezinye eziyizinkulungwane. Ngiyakhetha ukulinda emnyango wendlu kaNkulunkulu wami kunokuhlala ematendeni ababi.

11Ngokuba uJehova uNkulunkulu uyilanga nesihlangu; uJehova uyakupha umusa nodumo; akayikubenqabela okuhle abahamba ngobuqotho.
12Jehova Sebawoti, ubusisiwe umuntu okwethembayo.
You have read Psalms 84
12 verses