1Kumholi wokuhlabelela. Ngogubhu. Ihubo. Igama. UNkulunkulu makabe nomusa kithina, asibusise; makakhanyise ubuso bakhe phezu kwethu, Sela
2ukuze indlela yakho yaziwe emhlabeni, insindiso yakho kubo bonke abezizwe.
3Abantu mabakubonge, Nkulunkulu; mabakubonge abantu bonke.
4Izizwe mazijabule, zethabe; ngokuba izizwe uzahlulela ngokulunga, uzihola izizwe emhlabeni. Sela
5Abantu mabakubonge, Nkulunkulu; mabakubonge abantu bonke.

6Umhlaba uthelile izithelo zawo; uNkulunkulu, uNkulunkulu wethu, uyasibusisa.
7UNkulunkulu uyasibusisa; imikhawulo yonke yomhlaba iyakumesaba.
You have read Psalms 67
7 verses