1Kumholi wokuhlabelela. Igama. Ihubo. Mhubeleni ngenjabulo uNkulunkulu, mhlaba wonke.
2Hlabelelelani inkazimulo yegama lakhe, nibabaze ukudunyiswa kwakhe.
3Yishoni kuNkulunkulu, nithi: “Yeka ukwesabeka kwemisebenzi yakho. Ngenxa yobukhulu bamandla akho izitha zakho ziyakuzithoba phansi kwakho.
4Umhlaba wonke uyakukhuleka kuwe, ukudumise; bayakuhubela igama lakho.” Sela
5Wozani nibone izenzo zikaNkulunkulu; uyesabeka ekwenzeni kwakhe kubantwana babantu.

6Ulwandle waluguqula lwaba yizwe elomileyo; bawela umfula ngezinyawo; lapho sathokoza kuye.
7Ubusa ngamandla akhe kuze kube phakade; amehlo akhe ayahlozinga izizwe; abanenkani mabangaziphakamisi. Sela
8Bongani uNkulunkulu wethu nina zizwe, nizwakalise izwi lokudunyiswa kwakhe
9ogcina umphefumulo wethu ekuphileni, engaluvumeli unyawo lwethu lushelele.
10Ngokuba wena Nkulunkulu usilingile, wasihlanza njengokuhlanzwa kwesiliva.

11Wasingenisa enetheni; wabeka umthwalo onzima ezinkalweni zethu.
12Wavumela abantu ukuba bakhwele phezu kwamakhanda ethu; sangena emlilweni nasemanzini; kepha wasikhiphela ekubuseni.
13Ngiyakungena endlini yakho ngineminikelo yokushiswa; ngizakugcwalisa kuwe izithembiso zami
14ezaphinyiselwa yizindebe zami, zakhulunywa ngumlomo wami ngisekuhluphekeni.
15Ngiyakunikela kuwe iminikelo yokushiswa yezinonileyo kanye nephunga lezinqama; ngiyakunikela ngezinkunzi nangezimpongo. Sela

16Wozani nizwe nina nonke enesaba uNkulunkulu; ngizakulandisa akwenzele umphefumulo wami.
17Ngakhala kuye ngomlomo wami; ukudumisa kwakuphansi kolimi lwami.
18Uma bengiqonde ububi enhliziyweni yami, ibingayikungizwa iNkosi.
19Ngempela uNkulunkulu uzwile, walalela izwi lomkhuleko wami.
20Makabongwe uNkulunkulu ongalahlanga umkhuleko wami nomusa wakhe kimi.
You have read Psalms 66
20 verses