1Ihubo likaDavide esehlane lakwaJuda. Nkulunkulu, wena unguNkulunkulu wami, ngiyakufuna ekuseni; umphefumulo wami womele wena; inyama yami ilangazelela wena ezweni elomileyo eligagadekileyo, lapho amanzi engekho khona.
2Kanjalo ngikubheka endlini engcwele, ngibone amandla akho nenkazimulo yakho.
3Ngokuba umusa wakho umnandi kunokuphila; izindebe zami ziyakukudumisa.
4Ngiyakukubonga ngisaphila; ngiyakuphakamisa izandla zami egameni lakho.
5Umphefumulo wami uyakusutha kungathi ngamanoni namafutha; umlomo wami uyakudumisa ngezindebe ezethabayo,

6Nxa ngikukhumbula ecansini lami, ngizindla ngawe emilindweni yasebusuku.
7Ngokuba ungisizile; ngiyakwethaba ethunzini lamaphiko akho.
8Umphefumulo wami ubambelele kuwe; esokunene sakho siyangiphasa.
9Kepha abafuna umphefumulo wami ukuwubulala bayakwehlela ezindaweni zomhlaba eziphansi.
10Bayakunikelwa esandleni senkemba, babe yisabelo sezimpungushe.

11Kepha inkosi iyakuthokoza ngoNkulunkulu; bonke abafunga yena bayakuzibonga; ngokuba umlomo wabakhuluma amanga uyakuvalwa.
You have read Psalms 63
11 verses