1Kumholi wokuhlabelela. Ngogubhu. NgeSheminti. Ihubo likaDavide. Jehova, ungangijezisi ngentukuthelo yakho, ungangishayi ngolaka lwakho.
2Yiba nomusa kimi, Jehova, ngokuba ngidangele; ngiphilise, Jehova, ngokuba amathambo ami ayathuthumela,
3nomphefumulo wami uyathuthumela, kepha wena Jehova, koze kube nini na?
4Buya, Jehova, ukhulule umphefumulo wami, ungisindise ngenxa yesihawu sakho.
5Ngokuba akukho ukukhumbula wena ekufeni; ngubani oyakukubonga endaweni yabafileyo na?

6Ngikhathele ukububula kwami; ngimanzisa icansi lami njalo ebusuku, ngimanzisa ukhukho lwami ngezinyembezi zami.
7Iso lami liyafiphala ngokudabuka; liyaguga ngenxa yezitha zami zonke.
8Dedani kimi nina nonke enenza okubi, ngokuba uJehova ulizwile izwi lokukhala kwami;
9uJehova uzwile ukunxusa kwami, uJehova uyamukela umkhuleko wami.
10Zonke izitha zami ziyakujabha, zishaywe luvalo; ziyakuhlehla, zijabhe ngokuphazima kweso.
You have read Psalms 6
10 verses