Lumina
Psalms

Deliver Me from Mine Enemies

Psalms 59·Zulu Bible

1Kumholi wokuhlabelela. Indlela: Ungachithi. ElikaDavide. IMiktamu, mhla uSawule ethumela, ethi mabayilinde indlu ukuba bambulale. Ngikhulule ezitheni zami, Nkulunkulu wami, ngivikele kwabangivukelayo;

2ngikhulule kwabenza okubi, ngisindise kubantu begazi.

3Ngokuba bheka, baqamekela umphefumulo wami; iziqhwaga ziyangihlanganyela, kungekho siphambeko, kungekho sono kimi, Jehova.

4Ziyagijima, zizilungisele, kungekho cala kimi; vuka, ungihlangabeze, ubone.

5Wena kambe, Jehova Nkulunkulu Sebawoti, Nkulunkulu ka-Israyeli, vuka uphindisele bonke abezizwe, ungahawukeli namunye kwabahlubukileyo. Sela

Psalms 59 illustration - Psalms Chapter 59

6Bayabuya kusihlwa, bahlaba umkhulungwane njengenja, bezula emzini.

7Bheka, bayampompa ngomlomo wabo, kukhona izinkemba ezindebeni zabo, ngokuba bathi: “Ngubani ozwayo na?” 59:7 AmaH. 55:21; 57:4.

8Kepha wena Jehova uyabahleka; uyabaklolodela bonke abezizwe. 59:8 AmaH. 2:4.

9Mandla ami, ngiyakulindela wena, ngokuba uNkulunkulu uyinqaba yami.

10UNkulunkulu wami uyakungihlangabeza ngomusa wakhe; uNkulunkulu uyakungibonisa izitha zami ngokwethaba.

Psalms 59 illustration - Psalms Chapter 59

11Ungazibulali, funa abantu bami bakhohlwe; zizulise ngamandla akho, uzilahle phansi, Nkosi, sihlangu sethu. 59:11 Gen. 4:12.

12Izwi lezindebe zazo liyisono somlomo wazo; mazibanjwe ekuzidleni kwazo nangenxa yesiqalekiso namanga eziwakhulumayo.

13Ziqede ngokuthukuthela, ziqede zingabe zisabakho; mazazi ukuba nguNkulunkulu obusa kwaJakobe, kuze kube semikhawulweni yomhlaba. Sela

14Ziyabuya kusihlwa; zihlaba umkhulungwane njengenja, zizula emzini.

15Zizulazulela ukudla; uma zingasuthi, zihlala nasebusuku. 59:15 Isaya 8:21.

Psalms 59 illustration - Psalms Chapter 59

16Kepha mina ngizakuhlabelela ngamandla akho, ngethabele umusa wakho ekuseni, ngokuba uyinqaba yami, nesiphephelo ngosuku lokuhlupheka kwami.

17Mandla ami, ngizakuhubela wena; ngokuba uNkulunkulu uyinqaba yami, unguNkulunkulu wami womusa.

Chapter Complete

You have read Psalms 59

17 verses