Lumina
Psalms

Judge of the Earth

Psalms 58·Zulu Bible

1Kumholi wokuhlabelela. Indlela: Ungachithi. ElikaDavide. IMiktamu. Imbala nikhuluma ukulunga ngokuthula na? Madodana abantu, nahlulela ngobuqotho na? 58:1 Isaya 56:10.

2Ingani enhliziyweni niphehla imisebenzi emibi; ezweni nilinganisa ngesilinganiso ukudluzula kwezandla zenu.

3Ababi bahlubuka kwasesizalweni, abaqamba amanga baduka kwasesiswini. 58:3 Isaya 48:8.

4Isihlungu sabo sinjengesihlungu senyoka; banjengebululu eliyisithulu, elivimba indlebe yalo, 58:4 Jer. 17:23; Hez. 12:2; IzE. 7:57.

5lingalaleli izwi lezinyanga ezilumba amalumbo ngokuhlakanipha.

Psalms 58 illustration - Psalms Chapter 58

6Yaphula amazinyo abo emlonyeni wabo, Nkulunkulu! Phohloza amazinyo omhlathi ezingonyama ezingamabhongo, Jehova! 58:6 AmaH. 3:7.

7Mabaphele njengamanzi agobhozayo; nxa ekhomba ngemicibisholo yakhe, mayibe sengathi iqundekile. 58:7 Jobe 14:10.

8Mababe njengomnenke oncibilika, uphele, njengokuphuphume kowesifazane okungalibonanga ilanga. 58:8 Jobe 3:16.

9Amabhodwe enu engakazizwa izinkuni zameva, uyakuziphephula, noma ziluhlaza noma zivutha.

10Olungileyo uyakujabula ngokuba ebona impindiselo; uyakugeza izinyawo zakhe egazini lababi, 58:10 AmaH. 54:7.

Psalms 58 illustration - Psalms Chapter 58

11abantu baze bathi: “Impela ukhona umvuzo wolungileyo; impela ukhona uNkulunkulu owahlulelayo emhlabeni.”

Chapter Complete

You have read Psalms 58

11 verses