Lumina
Psalms

A Morning Prayer for Guidance

Psalms 5·Zulu Bible

1Kumholi wokuhlabelela. NgeNehiloti. Ihubo likaDavide. Yizwa amazwi ami, Jehova, uqaphele ukuzindla kwami.

2Yizwa izwi lokukhala kwami, Nkosi yami, Nkulunkulu wami, ngokuba ngithandaza kuwe.

3Jehova, ekuseni uyalizwa izwi lami; ekuseni ngiyakuzibika kuwe, ngilinde.

4Ngokuba wena awusiye uNkulunkulu othanda okubi; omubi akanakuhlala kuwe.

5Abazidlayo abayikuma phambi kwamehlo akho; uyabazonda bonke abenza okubi.

Psalms 5 illustration - Psalms Chapter 5

6Uyabhubhisa abakhuluma amanga; uJehova uyamenyanya umuntu wegazi nowenkohliso.

7Kepha mina ngiyakungena endlini yakho ngobuningi bomusa wakho, ngikhothame ngokukuhlonipha, ngibhekene nendawo yakho engcwele.

8Jehova, ngihole ngokulunga kwakho ngenxa yezitha zami, ulungise indlela yakho phambi kobuso bami.

9Ngokuba alikho iqiniso emlonyeni wabo; izibilini zabo zingukonakala: umphimbo wabo uyithuna elivulekileyo; bayathopha ngolimi lwabo.

10Balahle ngecala, Nkulunkulu. Mabawe ngenxa yamacebo abo, ubawise ngobuningi beziphambeko zabo, ngokuba bahlubukile kuwe.

Psalms 5 illustration - Psalms Chapter 5

11Kepha mabajabule bonke abathemba kuwe, bahalalise kuze kube phakade, abathanda igama lakho bethabela kuwe.

12Ngokuba wena Jehova uyambusisa olungileyo; umphahla ngomusa njengesihlangu.

Chapter Complete

You have read Psalms 5

12 verses