Lumina
Psalms

Riches Cannot Save

Psalms 49·Zulu Bible

1Kumholi wokuhlabelela. Elamadodana kaKora. Ihubo. Yizwani lokhu nonke nina bantu; bekani indlebe nina nonke enakhileyo ezweni,

2abantukazana nezikhulu, abacebileyo nabampofu.

3Umlomo wami uzakukhuluma ukuhlakanipha, ukuzindla kwenhliziyo yami kuzakuba ngokokuqonda.

4Ngizakubeka indlebe yami kuso isaga, ngiphenye imfumbe yami ngehabhu. 49:4 AmaH. 78:2.

5Bengizakwesabelani ezinsukwini ezimbi, lapha ububi babangizingelayo bungihaqa,

Psalms 49 illustration - Psalms Chapter 49

6labo abathemba imfuyo yabo bezigabisa ngomcebo wabo omkhulu, na?

7Umuntu angemhlenge umfowabo, angemnike uNkulunkulu ihlawulo ngaye.

8Ngokuba ukuhlengwa komphefumulo wabo kubiza kakhulu; akunakuphela nanini

9ukuba aphile njalo, angaboni ukubola.

10Qha, uyakubona ukuthi abahlakaniphileyo bayafa nokuthi isiwula kanye nesiphukuphuku ziyabhubha, imfuyo yabo bayishiyele abanye. 49:10 Shum. 2:16,18; Jer. 17:11.

Psalms 49 illustration - Psalms Chapter 49

11Ukucabanga kwabo kuthi izindlu zabo zizakuma kuze kube phakade, nemizi yabo ezizukulwaneni ngezizukulwane; amazwe abo bawabiza ngamagama abo.

12Kepha umuntu, nokuba enodumo, akayikuma; ufana nezilwane ezibhubhayo. 49:12 Shum. 3:19.

13Le ndlela yabo ingubuwula babo, balandelwa ngabavumela umlomo wabo. Sela

14Baqhutshelwa endaweni yabafileyo njengezimvu; ukufa kuyakubalusa, abaqotho babuse phezu kwabo ngakusasa, isimo sabo siqedwe yindawo yabafileyo, bangabe besaba nandlu.

15Kepha uNkulunkulu uyakuwukhulula umphefumulo wami esandleni sendawo yabafileyo, ngokuba uyakungamukela. Sela

Psalms 49 illustration - Psalms Chapter 49

16Ungesabi, nxa umuntu eceba, nxa ubukhosi bendlu yakhe banda. 49:16 AmaH. 37:1,7.

17Ngokuba ekufeni kwakhe akayikuphatha lutho; ubukhosi bakhe abuyikwehla naye. 49:17 Jobe 27:16; AmaH. 39:6; Luk. 12:15.

18Noma ebusisa umphefumulo wakhe esaphila, futhi abantu bekudumisa, ngokuba uzondle kahle,

19nokho uyakuya esizukulwaneni sawoyise; abayikukubona ukukhanya naphakade.

20Umuntu onodumo engenakuqonda unjengezilwane ezibhubhayo.

Chapter Complete

You have read Psalms 49

20 verses