Lumina
Psalms

Beautiful Mount Zion

Psalms 48·Zulu Bible

1Igama. Ihubo lamadodana kaKora. Mkhulu uJehova, udunyiswa kakhulu emzini kaNkulunkulu wethu entabeni yakhe engcwele. 48:1 AmaH. 76:1.

2Inhle ngokuphakama, ingukuthokoza komhlaba wonke intaba yaseSiyoni emaceleni asenyakatho, umuzi weNkosi enkulu. 48:2 Math. 5:35.

3UNkulunkulu uyaziwa ezindlini zawo zobukhosi ukuthi uyinqaba. 48:3 AmaH. 46:5.

4Ngokuba bheka, amakhosi abuthana; aqhubeka kanyekanye. 48:4 2 IziKr. 20:1.

5Abona, ayesemangala; ashaywa luvalo, aphaphatheka.

Psalms 48 illustration - Psalms Chapter 48

6Ehlelwa lapho ngukuthuthumela, yivuso njengakobelethayo.

7Ngomoya wasempumalanga waphula imikhumbi yaseTharishishi. 48:7 Isaya 33:23.

8Njengalokho sizwile, kanjalo sikubonile emzini kaJehova Sebawoti, emzini kaNkulunkulu wethu; uNkulunkulu uyakuwumisa kuze kube phakade. Sela

9Siyazindla ngomusa wakho, Jehova, siphakathi ethempelini lakho.

10Njengalo igama lakho, Nkulunkulu, kunjalo ukubongwa kwakho kuze kube semikhawulweni yomhlaba; isandla sakho sokunene sigcwele ukulunga.

Psalms 48 illustration - Psalms Chapter 48

11Mayijabule intaba yaseSiyoni, kwethabe amadodakazi akwaJuda ngenxa yezahlulelo zakho.

12Zungezani iSiyoni, nilikake, nibale imibhoshongo yalo.

13Qaphelani izindonga zalo, nidabule izindlu zalo zobukhosi, ukuze nilandisele isizukulwane esizayo.

14Ngokuba lo Nkulunkulu, unguNkulunkulu wethu phakade naphakade; uzakusihola kuze kube sekufeni.

Chapter Complete

You have read Psalms 48

14 verses