Lumina
Psalms

Clap Your Hands

Psalms 47·Zulu Bible

1Kumholi wokuhlabelela. Elamadodana kaKora. Ihubo. Shayani izandla, zizwe zonke; hlokomani kuNkulunkulu ngezwi lokuhalalisa. 47:1 AmaH. 66:1.

2Ngokuba uJehova oPhezukonke uyesabeka; uyinkosi enkulu phezu komhlaba wonke. 47:2 Zak. 14:9; Mal. 1:14.

3Wathobisa abantu phansi kwethu, nezizwe phansi kwezinyawo zethu. 47:3 AmaH. 18:48.

4Wasikhethela ifa lethu, udumo lukaJakobe amthandayo. Sela

5UNkulunkulu wenyukile ngokuhlokoma, uJehova ngokukhala kwecilongo. 47:5 AmaH. 68:18.

Psalms 47 illustration - Psalms Chapter 47

6Hubelani uNkulunkulu, hubani! Hubelani iNkosi yethu, hubani!

7Ngokuba uNkulunkulu uyinkosi yomhlaba wonke; hubani ihubo!

8UNkulunkulu uyabusa izizwe; uNkulunkulu uhlezi esihlalweni sakhe esingcwele sobukhosi. 47:8 AmaH. 22:28.

9Izikhulu zabantu zibuthene, zibe yisizwe sikaNkulunkulu ka-Abrahama, ngokuba izihlangu zomhlaba zingezikaNkulunkulu; uphakeme kakhulu.

Chapter Complete

You have read Psalms 47

9 verses