Lumina
Psalms

Taste and See

Psalms 34·Zulu Bible

1ElikaDavide mhla ezishaya uhlanya phambi kuka-Abimeleki owamxosha waze wamuka. Ngiyakumbonga uJehova ngezikhathi zonke; ukudunyiswa kwakhe kuyakuba semlonyeni wami njalonjalo. 34:1 AmaH. 146:2.

2Umphefumulo wami uyakuzibonga ngoJehova; abathobekileyo bayakukuzwa, bajabule.

3Mtuseni uJehova kanye nami, siphakamise igama lakhe kanyekanye.

4Ngamfuna uJehova, wangiphendula; wangikhulula kulo lonke uvalo lwami.

5Babheka kuye phezulu, bakhanya; ubuso babo abusoze bajabha.

Psalms 34 illustration - Psalms Chapter 34

6Nasi isihlupheki esakhala, uJehova wezwa, wasikhulula kuzo zonke izinhlupheko zaso.

7Ingelosi kaJehova iyamisa nxazonke kubo abamesabayo, ibakhulule. 34:7 Gen. 32:1; 2 AmaKh. 6:17.

8Yizwani nibone ukuthi uJehova muhle; ubusisiwe lowo muntu ophephela kuye. 34:8 1 Pet. 2:3.

9Mesabeni uJehova nina bangcwele bakhe, ngokuba abasweli lutho abamesabayo. 34:9 AmaH. 33:19; 37:19.

10Amabhongo ezingonyama ayaswela, alambe, kepha abafuna uJehova abayikuswela lutho oluhle. 34:10 Luk. 1:53.

Psalms 34 illustration - Psalms Chapter 34

11Zanini, bantwana, ningilalele; ngizakunifundisa ukumesaba uJehova.

12Ngumuphi umuntu othanda ukuphila, ofisa izinsuku zokuba abone okuhle na? 34:12 1 Pet. 3:10.

13Londa ulimi lwakho kokubi, nezindebe zakho kukho ukukhuluma inkohliso. 34:13 Ef. 4:29; 5:4; Kol. 4:6.

14Deda kukho okubi, wenze okuhle; funa ukuthula, ukujonge. 34:14 AmaH. 37:27; Rom. 12:18; Heb. 12:14.

15Amehlo kaJehova akubo abalungileyo; izindlebe zakhe zikukho ukukhala kwabo. 34:15 2 IziKr. 16:9.

Psalms 34 illustration - Psalms Chapter 34

16Ubuso bukaJehova bumelene nabenza okubi ukuba achithe ukukhunjulwa kwabo emhlabeni. 34:16 AmaH. 73:20.

17Labo bayakhala, uJehova uyezwa; uyabakhulula kuzo zonke izinhlupheko zabo. 34:17 AmaH. 145:18.

18UJehova useduze nabo abanenhliziyo eyaphukileyo; uyabasindisa abanomoya odabukileyo. 34:18 Isaya 57:15; 66:2; Luk. 18:13.

19Ziningi izinhlupheko zolungileyo, kepha uJehova uyamkhulula kuzo zonke.

20Uyawagcina onke amathambo akhe; alaphulwa nelilodwa kuwo. 34:20 Eks. 12:46; Math. 10:30; Joh. 19:36.

Psalms 34 illustration - Psalms Chapter 34

21Okubi kuyakumbulala omubi; abazonda olungileyo bayakulahlwa ngecala.

22UJehova ukhulula umphefumulo wezinceku zakhe; akakho kwabamethembayo oyakuba necala.

Chapter Complete

You have read Psalms 34

22 verses