1Yethabani kuJehova nina balungileyo; ukudumisa kubafanele abaqotho.
2Bongani uJehova ngehabhu; mdumiseni ngogubhu oluzintambo ziyishumi. 33:2 AmaH. 92:3.
3Mhubeleni ihubo elisha, nibethe kahle ngenhlokomo.
4Ngokuba izwi likaJehova lilungile; zonke izenzo zakhe ziyakholeka. 33:4 Num. 23:19; 1 Sam. 15:29.
5Uthanda ukulunga nokwahlulela; umhlaba ugcwele umusa kaJehova. 33:5 AmaH. 119:64.

6Ngezwi likaJehova izulu lenziwa, namabandla onke ngomoya womlomo wakhe. 33:6 Gen. 1:2.
7Ubuthela ndawonye amanzi olwandle njengenqwaba; uwabeka ajulileyo ezinqolobaneni. 33:7 Gen. 1:9; Jobe 38:8.
8Umhlaba wonke mawumesabe uJehova; bonke abakhileyo ezweni mabathuthumele phambi kwakhe.
9Ngokuba wakhuluma, kwaba khona; wayaleza, kwema khona. 33:9 AmaH. 148:5.
10UJehova uchitha icebo labezizwe; uphuthisa imicabango yabantu. 33:10 Jobe 5:12; IzA. 21:30.

11Icebo likaJehova limi phakade, nemicabango yenhliziyo yakhe ezizukulwaneni ngezizukulwane. 33:11 IzA. 19:21; Isaya 46:10.
12Sibusisiwe isizwe esiNkulunkulu waso nguJehova, isizwe asikhethileyo sibe yifa lakhe. 33:12 AmaH. 144:15.
13UJehova uyabheka esezulwini; uyababona bonke abantwana babantu.
14Esendaweni lapho ehlala khona uyababuka bonke abakhileyo ezweni, 33:14 AmaH. 11:4.
15yena owadala izinhliziyo zabo bonke, oqaphela zonke izenzo zabo. 33:15 IzA. 16:1,2,9; 21:1.

16Ayikho inkosi esindiswa ngobuningi bempi yayo; isiqhwaga asikhululwa ngobukhulu bamandla aso. 33:16 2 IziKr. 14:11.
17Ihhashi liyize ekusindiseni, alihlangulisi ngobukhulu bamandla alo. 33:17 AmaH. 147:10; IzA. 21:31.
18Bheka, iso likaJehova liphezu kwabamesabayo, abathemba umusa wakhe,
19ukuba akhulule umphefumulo wabo ekufeni, abaphilise endlaleni. 33:19 Jobe 5:20; AmaH. 34:9; 37:19.
20Umphefumulo wethu ulindela uJehova; ungukusiza kwethu nesihlangu sethu. 33:20 Dut. 33:29.

21Ngalokho inhliziyo yethu ithokoza ngaye, ngokuba sithemba igama lakhe elingcwele.
22Umusa wakho, Jehova, mawube phezu kwethu, njengalokhu sithemba wena.
You have read Psalms 33
22 verses