Lumina
Psalms

Joy Comes in the Morning

Psalms 30·Zulu Bible

1Ihubo. Igama lokuvula indlu. ElikaDavide. Ngiyakuphakamisa, Jehova, ngokuba ungikhuphulile; awuvumanga ukuba izitha zami zijabule phezu kwami.

2Jehova Nkulunkulu wami, ngakhala kuwe, wangiphilisa.

3Jehova, umphefumulo wami uwukhuphulile endaweni yabafileyo, wangiphilisa phakathi kwabashona emgodini.

4Dumisani uJehova nina enimkhonzayo, nibonge igama lakhe elingcwele.

5Ngokuba ukuthukuthela kwakhe kuba ngokomzuzwana nje, umusa wakhe uba ngowokuphila konke; kusihlwa kungena ukukhala, ekuseni ukujabula.

Psalms 30 illustration - Psalms Chapter 30

6Mina ngithe ekubuseni kwami: Angisoze nganyakaziswa naphakade.

7Jehova, ngomusa wakho ubuwenzile ukuba iqine intaba yami; wabufihla ubuso bakho, ngase ngithuthumela.

8Ngakhala kuwe Jehova; nganxusa kuJehova, ngathi:

9“Kukhona nzuzoni egazini lami nasekushoneni kwami egebeni na? Uthuli luzakukudumisa yini, lushumayele iqiniso lakho, na?

10Yizwa, Jehova, ube nomusa kimi; Jehova, yiba ngumsizi wami.”

Psalms 30 illustration - Psalms Chapter 30

11Waphendula ukukhala kwami kwaba ngukusina; wangikhumula izingubo zami zokulila, wangembathisa ukujabula,

12ukuze umphefumulo wami ukudumise, ungathuli; Jehova Nkulunkulu wami, ngizakukubonga kuze kube phakade.

Chapter Complete

You have read Psalms 30

12 verses