1Ihubo likaDavide ebalekela u-Abisalomu indodana yakhe. Hhawu, Jehova, ziningi izitha zami. Baningi abangivukelayo.
2Baningi abathi emphefumulweni wami: “Akukho ukusinda kwakhe kuNkulunkulu.” Sela
3Kepha wena Jehova uyisihlangu kimi, uludumo lwami nophakamisa ikhanda lami.
4Ngezwi lami ngiyakhala kuJehova; yena uyangiphendula esentabeni yakhe engcwele. Sela
5Ngalala phansi, ngazunywa ngubuthongo; ngavuka, ngokuba uJehova ungiphasile.

6Angesabi amashumi ezinkulungwane zabantu abangihaqile nxazonke.
7Vuka, Jehova, ungisindise, Nkulunkulu wami, ngokuba zonke izitha zami uzishayile emhlathini, amazinyo ababi uwaphulile.
8Insindiso ingekaJehova; isibusiso sakho masibe kubantu bakho. Sela
You have read Psalms 3
8 verses