Lumina
Psalms

Joy in Salvation

Psalms 21·Zulu Bible

1Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide. Jehova, inkosi iyajabula ngamandla akho; iyethaba kangakanani ngensindiso yakho.

2Uyinikile njengokwenhliziyo yayo, nesicelo sezindebe zayo awusinqabanga. Sela

3Ngokuba wayihlangabeza ngezibusiso zokuhle; wafaka umqhele wegolide elihle ekhanda layo.

4Yacela ukuphila kuwe, wayinika khona, izinsuku ezinde kuze kube phakade naphakade.

5Inkulu inkazimulo yayo ngenxa yensindiso yakho; udumo nobukhosi ukubeka phezu kwayo.

Psalms 21 illustration - Psalms Chapter 21

6Ngokuba uyibeka ukuba ibe yisibusiso kuze kube phakade; uyithokozisa ngenjabulo ebusweni bakho.

7Ngokuba inkosi iyethemba uJehova, nangenxa yesihawu soPhezukonke ayiyikuzanyazanyiswa.

8Isandla sakho siyakufumana zonke izitha zakho; esokunene sakho siyakubafumana abakuzondayo.

9Uyakubenza babe njengesithando somlilo, nxa ubonakalisa ubuso bakho; uJehova uyakubagwinya ngentukuthelo yakhe, umlilo uyakubaqeda.

10Isithelo sabo uyakusichitha emhlabeni kanye nenzalo yabo phakathi kwabantwana babantu.

Psalms 21 illustration - Psalms Chapter 21

11Ngokuba babehlosa okubi, baceba icebo; kepha bayahluleka.

12Ngokuba uyakubafulathelisa; ngosinga lomnsalo wakho uyakukhomba ebusweni babo.

13Mawuphakame, Jehova, emandleni akho; thina siyakuhlabelela, sidumise amandla akho.

Chapter Complete

You have read Psalms 21

13 verses