Lumina
Psalms

Who Shall Abide?

Psalms 15·Zulu Bible

1Jehova, ngubani oyakuhlala etendeni lakho na? Ngubani oyakwakha entabeni yakho engcwele na?

2Yilowo ohamba ngobuqotho nowenza ukulunga, okhuluma iqiniso enhliziyweni yakhe,

3ongahlebi ngolimi lwakhe, ongamoni umngane wakhe, nongamhlazi umakhelwane wakhe;

4obuka onengekayo ngokuzakumenyanya, kepha ebazisa abamesabayo uNkulunkulu; ofunga ngokuzakumlimaza, nokho angalaphuli izwi lakhe;

5ongatsheleki muntu imali yakhe ukuba izale, nongamukeli umvuzo ngongenacala; owenza lokhu akayikuzanyazanyiswa naphakade.

Chapter Complete

You have read Psalms 15

5 verses