Lumina
Psalms

Praise Ye Him All His Hosts

Psalms 148·Zulu Bible

1Haleluya! Dumisani uJehova ezulwini, nimdumise kweliphezulu.

2Mdumiseni nina zingelosi zakhe zonke, nimdumise nina mabandla akhe onke.

3Mdumiseni nina langa nenyanga, nimdumise nina zinkanyezi zonke ezikhanyayo.

4Mdumiseni nina mazulu amazulu, nina manzi aphezu kwezulu.

5Makuthathe kudumise igama likaJehova, ngokuba wayaleza, kwadaleka.

Psalms 148 illustration - Psalms Chapter 148

6Futhi wakumisa kuze kube phakade; washaya umthetho ongenakweqiwa.

7Mdumiseni uJehova emhlabeni nina mikhomo nezintwa zonke,

8nawe mlilo nesichotho, liqhwa nenkwezane, nawe siphepho esenza okwezwi lakhe,

9nani zintaba namagquma onke, nani mithi ethelayo nayo yonke imisedari,

10nani zilwane nezinkomo zonke, nani eninwabuzelayo nezinyoni ezindizayo,

Psalms 148 illustration - Psalms Chapter 148

11nani makhosi omhlaba nabantu bonke, nani zikhulu nabahluleli bonke bomhlaba,

12nani zinsizwa nezintombi, nani maxhegu nabafana.

13Mabadumise igama likaJehova, ngokuba ngelakhe igama lodwa eliphakeme; inkazimulo yakhe iphezu komhlaba nezulu.

14Usephakamisile uphondo lwabantu bakhe; ngalokho bayamdumisa abangcwele bakhe, abantwana bakwa-Israyeli, abantu abaseduze naye. Haleluya!

Chapter Complete

You have read Psalms 148

14 verses