Lumina
Psalms

Blessed Be the LORD My Strength

Psalms 144·Zulu Bible

1ElikaDavide. Makabongwe uJehova, idwala lami, ofundisa izandla zami ukuhlasela neminwe yami ukulwa,

2umusa wami nenqaba yami, umbhoshongo wami ophakemeyo nomkhululi wami, isihlangu sami, nengiphephela kuye, nothobisa abantu bami phansi kwami.

3Jehova, uyini umuntu ukuba umazi, nendodana yomuntu ukuba uyikhumbule, na?

4Umuntu ufana nomoya; izinsuku zakhe zinjengethunzi elidlulayo.

5Thobisa amazulu akho, Jehova, wehle; thinta izintaba, zithunqe.

Psalms 144 illustration - Psalms Chapter 144

6Imibani mayinyazime, ubahlakaze; thuma imicibisholo yakho, ubaphithizise.

7Yelula isandla sakho phezulu, ungikhulule, ungophule emanzini amakhulu nasesandleni sabafokazi

8abamlomo wabo ukhuluma inkohliso, nesandla sabo sokunene singesokunene samanga.

9Ngiyakuhlabelela kuwe Nkulunkulu isihlabelelo esisha; ngogubhu olunezintambo eziyishumi ngiyakukuhubela.

10Nguye onika amakhosi insindiso, okhulula inceku yakhe uDavide enkembeni elimazayo.

Psalms 144 illustration - Psalms Chapter 144

11Ngikhulule, ungophule esandleni sabafokazi abamlomo wabo ukhuluma inkohliso, nesandla sabo sokunene singesokunene samanga.

12Lapho amadodana ethu enjengezithombo ezikhulileyo ebusheni bazo, namadodakazi ethu enjengamatshe amagumbi abaziwe ngendlela yokwakhiwa kwezindlu zamakhosi;

13lapho izingobo zethu zigcwele, ziveza izinhlobo ngezinhlobo, nezimvu zethu zizala ngezinkulungwane, yebo, ngezinkulungwane eziyishumi emadlelweni ethu;

14lapho izinkabi zethu zithweswe kakhulu, nalapho kungekho ukufohla kwesitha nokungena empini nezikhalo ezitaladini zethu,

15babusisiwe abantu abanjalo; babusisiwe abantu abaNkulunkulu wabo unguJehova.

Chapter Complete

You have read Psalms 144

15 verses