1Bongani uJehova, ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade.
2Bongani uNkulunkulu wawonkulunkulu, ngokuba umusa wakhe umi phakade.
3Bongani iNkosi yamakhosi, ngokuba umusa wayo umi phakade;
4yona engoyedwa owenza izimangaliso ezinkulu, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
5owenzile izulu ngokuhlakanipha, ngokuba umusa wakhe umi phakade;

6owendlala umhlaba phezu kwamanzi, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
7owenza izinkanyiso ezinkulu, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
8ilanga ukuba libuse emini, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
9inyanga nezinkanyezi ukuba zibuse ebusuku, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
10owalishaya iGibithe, amazibulo alo, ngokuba umusa wakhe umi phakade;

11owamkhipha u-Israyeli phakathi kwabo, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
12ngesandla esinamandla nangengalo eyeluliweyo, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
13owahlukanisa kabili uLwandle Olubomvu, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
14owawelisa u-Israyeli phakathi kwalo, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
15owachitha uFaro nempi yakhe eLwandle Olubomvu, ngokuba umusa wakhe umi phakade;

16owahola abantu bakhe ehlane, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
17owashaya amakhosi amakhulu, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
18owabulala amakhosi adumileyo, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
19uSihoni inkosi yama-Amori, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
20no-Ogi inkosi yaseBashani, ngokuba umusa wakhe umi phakade;

21owanika izwe labo laba yifa, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
22laba yifa lika-Israyeli inceku yakhe, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
23owasikhumbula sisephansi, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
24owasikhulula ezitheni zethu, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
25onika inyama yonke ukudla, ngokuba umusa wakhe umi phakade.

26Bongani uNkulunkulu wezulu, ngokuba umusa wakhe umi phakade.
You have read Psalms 136
26 verses