Lumina
Psalms

Praise the Name of the LORD

Psalms 135·Zulu Bible

1Haleluya! Dumisani igama likaJehova; mdumiseni nina zinceku zikaJehova

2enimi endlini kaJehova emagcekeni endlu kaNkulunkulu wethu.

3Dumisani uJehova, ngokuba uJehova muhle; hubelani igama lakhe, ngokuba limnandi.

4Ngokuba uJehova uzikhethele uJakobe, no-Israyeli ukuba abe yimfuyo yakhe.

5Impela ngiyazi ukuthi uJehova mkhulu nokuthi iNkosi yethu iphezu kwabo bonke onkulunkulu.

Psalms 135 illustration - Psalms Chapter 135

6Konke uJehova akuthandayo uyakwenza ezulwini nasemhlabeni, emanzini nasezinzulwini zonke.

7Ukhuphula izinkungu emikhawulweni yomhlaba, wenza imibani kube yimvula; ukhipha umoya ezingotsheni zakhe.

8Washaya amazibulo aseGibithe, awabantu kanye nawezilwane.

9Wathuma izibonakaliso nezimangaliso phakathi kwakho, Gibithe, phezu kukaFaro nezinceku zakhe zonke.

10Washaya izizwe ezinkulu, wabulala amakhosi anamandla:

Psalms 135 illustration - Psalms Chapter 135

11uSihoni inkosi yama-Amori, no-Ogi inkosi yaseBashani, nemibuso yonke yaseKhanani.

12Wanika izwe labo laba yifa, laba yifa lika-Israyeli, isizwe sakhe.

13Jehova, igama lakho limi phakade; isikhumbuzo sakho, Jehova, sisezizukulwaneni ngezizukulwane.

14Ngokuba uJehova uyakwahlulela abantu bakhe, ahawukele izinceku zakhe.

15Izithombe zabezizwe ziyisiliva negolide, umsebenzi wezandla zomuntu.

Psalms 135 illustration - Psalms Chapter 135

16Umlomo zinawo, kepha azikhulumi; amehlo zinawo, kodwa aziboni.

17Izindlebe zinazo, kepha azizwa, nomoya awukho emlonyeni wazo.

18Abazenzayo bayafana nazo, bonke abazethembayo.

19Wena ndlu ka-Israyeli, mbonge uJehova; wena ndlu ka-Aroni, mbonge uJehova.

20Wena ndlu kaLevi, mbonge uJehova; nina enimesabayo uJehova, mbongeni uJehova.

Psalms 135 illustration - Psalms Chapter 135

21UJehova makabongwe eSiyoni, yena owakhe eJerusalema. Haleluya!

Chapter Complete

You have read Psalms 135

21 verses