1Igama lokukhuphuka. Ngikhala kuwe Jehova ngisotweni phansi.
2Nkosi, yizwa izwi lami; izindlebe zakho mazilalele izwi lokuncenga kwami.
3Uma wena Jehova uqaphela iziphambeko, Nkosi, ngubani ongema na?
4Kepha ukuthethelela kukuwe, ukuze wesatshwe.
5Ngiyalindela uJehova, umphefumulo wami uyalinda; ngiyalethemba izwi lakhe.

6Umphefumulo wami uyalindela iNkosi kunabalindi belindela ukusa.
7U-Israyeli makamethembe uJehova, ngokuba umusa ukuJehova, nokukhulula okuningi kukuye.
8Uyakumhlenga u-Israyeli eziphambekweni zakhe zonke.
You have read Psalms 130
8 verses