1Igama lokukhuphuka. ElikaSolomoni. Uma uJehova engayakhi indlu, basebenzela ize abayakhayo; uma uJehova engalondolozi umuzi, umlindi wawo ulindela ize.
2Kuyize kini ukuba nivuke ekuseni, nephuze ukuphumula, nidle isinkwa sezinhlupheko, ngokuba uyamupha othandiweyo wakhe esalele.
3Bheka, abantwana bayifa elivela kuJehova, isithelo sesisu singumvuzo.
4Njengemicibisholo esandleni seqhawe banjalo abantwana bobusha.
5Ibusisiwe indoda emgodla wayo ugcwele bona; abayikujabha lapho bekhuluma nezitha zabo esangweni.
You have read Psalms 127
5 verses