Lumina
Psalms

The Word of God

Psalms 119·Zulu Bible

1Babusisiwe abaqotho endleleni, abahamba ngemithetho kaJehova.

2Babusisiwe abagcina ubufakazi bakhe, abamfuna ngenhliziyo yonke,

3abangenzi ukungalungi, kepha behamba ezindleleni zakhe;

4wena usiyalezile ukuba sizigcine ngokwempela.

5Sengathi zingaqondiswa izindlela zami ukuba ngigcine izimiso zakho.

Psalms 119 illustration - Psalms Chapter 119

6Khona angiyikujabha; ngiyakuhlonipha iziyalezo zonke zakho.

7Ngiyakukubonga ngobuqotho benhliziyo, lapho ngifunda izahlulelo zakho ezilungileyo.

8Izimiso zakho ngiyakuzigcina; ungangishiyi nakanci.

9Insizwa iyakuyihlanza kanjani indlela yayo na? Ngokuqaphela okwezwi lakho.

10Ngikufunile ngenhliziyo yami yonke; mangingaphambuki emiyalweni yakho.

Psalms 119 illustration - Psalms Chapter 119

11Enhliziyweni yami ngiyalonda izwi lakho, ukuze ngingoni kuwe.

12Mawubongwe wena Jehova, ungifundise izimiso zakho.

13Ngomlomo wami ngimemezele zonke izahlulelo zomlomo wakho.

14Ngithokoza ngendlela yobufakazi bakho njengemfuyo.

15Ngiyakuzindla ngeziyalezo zakho, ngihloniphe izindlela zakho.

Psalms 119 illustration - Psalms Chapter 119

16Ngiyakuthokoza ngezimiso zakho; angiyikukhohlwa izwi lakho.

17Yenzele okuhle inceku yakho ukuba ngiphile, ngigcine izwi lakho.

18Vula amehlo ami ukuba ngibone izimangaliso zasemthethweni wakho.

19Ngingumfokazi emhlabeni; ungangifihleli imiyalo yakho.

20Umphefumulo wami waphukile ngokulangazelela njalo izahlulelo zakho.

Psalms 119 illustration - Psalms Chapter 119

21Uyakhuza abazidlayo, abaqalekisiweyo, abaduka emiyalweni yakho.

22Susa kimi isihlamba nokudelelwa, ngokuba ngiyaqaphela ubufakazi bakho.

23Yebo, izikhulu zihlezi zikhuluma ngami; inceku yakho iyazindla ngezimiso zakho.

24Ubufakazi bakho buyintokozo yami, bungumluleki wami.

25Umphefumulo wami unamathela othulini; ngiphilise ngokwezwi lakho.

Psalms 119 illustration - Psalms Chapter 119

26Ngimemezele izindlela zami, wena wangizwa; ngifundise izimiso zakho.

27Ngiqondise indlela yeziyalezo zakho ukuba ngikhulume ngezimangaliso zakho.

28Umphefumulo wami uyakhala ngosizi; ngivuse ngokwezwi lakho.

29Susa kimi indlela yamanga, ungiphe ngomusa umthetho wakho.

30Ngikhethile indlela yeqiniso; izahlulelo zakho ngizibekile phambi kwami.

Psalms 119 illustration - Psalms Chapter 119

31Ngibambelele ebufakazini bakho; ungangijabhisi, Jehova.

32Ngiyakugijima ngendlela yemiyalo yakho, ngokuba uyakwandisa inhliziyo yami.

33Ngitshengise, Jehova, indlela yezimiso zakho; ngiyakuyigcina kuze kube sekupheleni.

34Ngiphe ingqondo, ukuze ngiqaphele umthetho wakho, ngiwugcine ngenhliziyo yami yonke.

35Ngihambise endleleni yemiyalo yakho, ngokuba ngiyathokoza ngayo.

Psalms 119 illustration - Psalms Chapter 119

36Thobisela inhliziyo yami ebufakazini bakho, kungabi sekuhaheni.

37Phendula amehlo ami, angaboni okuyize, ungiphilise endleleni yakho.

38Yigcwalise encekwini yakho inkulumo yakho eyenza ukuba wesatshwe.

39Dlulisa isihlamba engisesabayo, ngokuba izahlulelo zakho zinhle.

40Bheka, ngiyalangazelela iziyalezo zakho; ngiphilise ngokulunga kwakho.

Psalms 119 illustration - Psalms Chapter 119

41Mawuze kimi umusa wakho, Jehova, insindiso yakho ngokwezwi lakho.

42Khona ngiyakumphendula ongithukayo, ngokuba ngiyalethemba izwi lakho.

43Ungalisusi emlonyeni wami ngokupheleleyo izwi leqiniso, ngokuba ngiyethemba izahlulelo zakho.

44Khona ngiyakuwugcina njalo umthetho wakho, yebo, kuze kube phakade.

45Ngiyakuhamba endaweni ebanzi, ngokuba iziyalezo zakho ngiyazifuna.

Psalms 119 illustration - Psalms Chapter 119

46Ngiyakukhuluma ngobufakazi bakho phambi kwamakhosi, ngingajabhi.

47Ngiyakuthokoza ngemiyalo yakho engiyithandileyo.

48Ngiyakuphakamisela izandla zami kuyo imiyalo yakho engiyithandileyo, ngizindle ngezimiso zakho.

49Khumbula izwi encekwini yakho owangipha ithemba ngalo.

50Lokhu kuyinduduzo ekuhluphekeni kwami, ngokuba izwi lakho lingiphilisile.

Psalms 119 illustration - Psalms Chapter 119

51Abazidlayo bangihleka usulu kakhulu, kepha emthethweni wakho angichezuki.

52Ngiyakhumbula izahlulelo zakho zasendulo, Jehova; ngiyaduduzeka.

53Ukuvutha kolaka kungibambile ngenxa yababi abashiya umthetho wakho.

54Zaba yizihlabelelo kimina izimiso zakho endlini yokugogobala kwami.

55Ebusuku ngikhumbula igama lakho, Jehova, ngigcina umthetho wakho.

Psalms 119 illustration - Psalms Chapter 119

56Lokhu kwaba ngokwami, ngokuba ngagcina iziyalezo zakho.

57UJehova uyisabelo sami; ngithi ngiyakugcina amazwi akho.

58Ngincenga ubuso bakho ngenhliziyo yami yonke; yiba nomusa kimi ngokwezwi lakho.

59Ngizindla ngezindlela zami, ngiqondisa izinyawo zami ebufakazini bakho.

60Ngiyashesha, angilibali ukugcina imiyalo yakho.

Psalms 119 illustration - Psalms Chapter 119

61Izintambo zababi ziyangizungeza, kepha angikhohlwa umthetho wakho.

62Phakathi kobusuku ngiyakuvuka ngikubonge ngenxa yezahlulelo zakho ezilungileyo.

63Ngingumngane wabo bonke abakwesabayo, abagcina iziyalezo zakho.

64Umhlaba ugcwele umusa wakho, Jehova; ngifundise izimiso zakho.

65Uyenzele inceku yakho okuhle, Jehova, ngokwezwi lakho.

Psalms 119 illustration - Psalms Chapter 119

66Ngifundise ukuqonda okuhle nokwazi, ngokuba ngikholwa yimiyalo yakho.

67Ngingakahlupheki ngaduka, kepha manje sengiyaligcina izwi lakho.

68Umuhle wena, futhi wenza okuhle; ngifundise izimiso zakho.

69Abazidlayo baqamba amanga ngami; ngenhliziyo yonke yami ngiyakugcina iziyalezo zakho.

70Inhliziyo yabo injengamafutha ingezwa lutho; kepha mina ngithokoza ngomthetho wakho.

Psalms 119 illustration - Psalms Chapter 119

71Kwangilungela ukuba ngihlushwe, ukuze ngifunde izimiso zakho.

72Umthetho womlomo wakho muhle kunezinkulungwane zegolide nezesiliva.

73Izandla zakho zingenzile, zangibumba; ngiphe ingqondo, ukuze ngifunde imiyalo yakho.

74Abakwesabayo bayakujabula lapho bengibona, ngokuba ngethemba izwi lakho.

75Ngiyazi ukuthi izahlulelo zakho zilungile nokuthi wangilaya ngokuthembeka.

Psalms 119 illustration - Psalms Chapter 119

76Umusa wakho mawube yinduduzo encekwini yakho ngokwezwi lakho.

77Ububele bakho mabuze kimi, ukuze ngiphile, ngokuba umthetho wakho uyintokozo yami.

78Abazidlayo mabajabhe, ngokuba bangicindezele, kungekho sizathu; kepha mina ngiyakuzindla ngeziyalezo zakho.

79Mabaphendukele kimi abakwesabayo nabaziyo ubufakazi bakho.

80Inhliziyo yami mayiphelele ezimisweni zakho, ukuze ngingajabhi.

Psalms 119 illustration - Psalms Chapter 119

81Umphefumulo wami ulangazelela insindiso yakho; ngiyalethemba izwi lakho.

82Amehlo ami alangazelela izwi lakho, ngithi: “Uyakungiduduza nini na?”

83Nginjengemvaba emsini; izimiso zakho angizikhohlwa.

84Zingaki izinsuku zenceku yakho? Uzakubahlulela nini abangizingelayo na?

85Abazidlayo bangimbela imigodi, bona abaphambene nomthetho wakho.

Psalms 119 illustration - Psalms Chapter 119

86Yonke imiyalo yakho ithembekile; bayangizingela ngamanga; ngisize.

87Bacishe bangiqeda emhlabeni, kepha angishiyanga iziyalezo zakho.

88Ngiphilise ngokomusa wakho, ukuze ngigcine ubufakazi bomlomo wakho.

89Kuze kube phakade, Jehova, izwi lakho limi liqinile ezulwini.

90Ezizukulwaneni ngezizukulwane ukuthembeka kwakho kukhona; wamisa umhlaba; usemi.

Psalms 119 illustration - Psalms Chapter 119

91Ngokwezahlulelo zakho kusekhona nanamuhla, ngokuba konke kuyizinceku zakho.

92Uma umthetho wakho ubungesiyo intokozo yami, ngabe ngibhubhele ekuhluphekeni kwami.

93Angiyikukhohlwa kuze kube phakade iziyalezo zakho, ngokuba ungiphilisile ngazo.

94Ngingowakho, ngisindise, ngokuba ngiyafuna iziyalezo zakho.

95Ababi bahlalele ukungibhubhisa, kepha ngiyaqaphela ubufakazi bakho.

Psalms 119 illustration - Psalms Chapter 119

96Ngibonile ukugcina kokuphelelyo konke, kepha umthetho wakho ubanzi kakhulu.

97Ngiyawuthanda umthetho wakho kangaka. Usuku lonke ngizindla ngawo.

98Ngemiyalo yakho ngiyahlakanipha kunezitha zami, ngokuba inami kuze kube phakade.

99Ngiyaqonda kunabo bonke abangifundisayo, ngokuba ngizindla ngobufakazi bakho.

100Nginokuqonda kunabadala, ngokuba ngigcina iziyalezo zakho.

Psalms 119 illustration - Psalms Chapter 119

101Ngiyazinqanda izinyawo zami ezindleleni zonke zokubi, ukuze ngigcine izwi lakho.

102Ezahlulelweni zakho angichezuki, ngokuba wena uyangifundisa.

103Amnandi kangaka amazwi akho ekunambitheni kwami; adlula izinyosi emlonyeni wami.

104Ngeziyalezo zakho ngiyathola ukuqonda; ngalokho ngiyazonda zonke izindlela zamanga.

105Izwi lakho liyisibani ezinyaweni zami nokukhanya endleleni yami.

Psalms 119 illustration - Psalms Chapter 119

106Ngifungile; ukulonda izahlulelo zakho ezilungileyo ngakugcina.

107Ngiyahlupheka kakhulu; Jehova, ngiphilise ngokwezwi lakho.

108Jehova, yamukela iminikelo yesihle yomlomo wami, ungifundise izahlulelo zakho:

109Umphefumulo wami usesandleni sami njalo; nokho umthetho wakho angiwukhohlwa.

110Ababi bangibekele ugibe, kepha angiduki eziyalezweni zakho.

Psalms 119 illustration - Psalms Chapter 119

111Ngidlile ifa lobufakazi bakho kuze kube phakade, ngokuba kuyintokozo yenhliziyo yami.

112Ngithobisile inhliziyo yami ukwenza izimiso zakho njalo, yebo, kuze kube sekupheleni.

113Ngiyabazonda abanhliziyo mbili, kepha umthetho wakho ngiyawuthanda.

114Wena uyisiphephelo sami nesihlangu sami; ngiyethemba izwi lakho.

115Sukani kimi nina enenza okubi, ngokuba ngiyakugcina imiyalo kaNkulunkulu wami.

Psalms 119 illustration - Psalms Chapter 119

116Ngiphase ngokwezwi lakho, ukuze ngiphile, ngingajabhi ngethemba lami.

117Ngisekele, ngize ngisindiswe, ngibheke njalo izimiso zakho.

118Uyabadelela bonke abaduka ezimisweni zakho, ngokuba ubuqili babo buyize.

119Uyabalahla bonke ababi bomhlaba njengendiva; ngalokho ngiyathanda ubufakazi bakho.

120Inyama yami iyathuthumela ngovalo ngawe, ngiyesaba izahlulelo zakho.

Psalms 119 illustration - Psalms Chapter 119

121Ngiyenza ukwahlulela nokulunga; unganginikeli kubo abahluphi bami.

122Mela inceku yakho kube kuhle; abazidlayo mabangangicindezeli.

123Amehlo ami ayalangazelela insindiso yakho nezwi lokulunga kwakho.

124Yenza encekwini yakho ngokomusa wakho, ungifundise izimiso zakho.

125Ngiyinceku yakho; ngiphe ingqondo ukuba ngazi ubufakazi bakho.

Psalms 119 illustration - Psalms Chapter 119

126Kuyisikhathi sikaJehova sokusebenza, ngokuba bawenz' ize umthetho wakho.

127Ngalokho ngiyathanda imiyalo yakho kunegolide, yebo, kunegolide elicwengekileyo.

128Ngalokho ngiyavuma ukuthi imiyalo yakho yonke ilungile; ngiyazonda zonke izindlela zamanga.

129Ubufakazi bakho buyisimangaliso; ngalokho umphefumulo wami uyabugcina.

130Ukwambulwa kwamazwi akho kuyakhanyisa, yebo, kuyabaqondisa abangenalwazi.

Psalms 119 illustration - Psalms Chapter 119

131Ngivula umlomo wami, ngikhefuzela, ngokuba ngiyalangazelela imiyalo yakho.

132Bheka kimi, ube nomusa kimi njengokufanele abathanda igama lakho.

133Qinisa izinyathelo zami ezwini lakho; makungangibusi nobubodwa ububi.

134Ngihlenge ekuhlupheni kwabantu, ukuze ngigcine iziyalezo zakho.

135Yikhanyisele inceku yakho ubuso bakho, ngifundise izimiso zakho.

Psalms 119 illustration - Psalms Chapter 119

136Imifula yamanzi iyehlela emehlweni ami, ngokuba abagcini umthetho wakho.

137Wena Jehova ulungile; izahlulelo zakho ziqotho.

138Uyalezile ubufakazi bakho ngokulunga ngokuthembeka okukhulu.

139Ukushisekela kwami kungidlile, ngokuba izitha zami zikhohliwe amazwi akho.

140Izwi lakho licwebile kakhulu; ngalokho inceku yakho iyalithanda.

Psalms 119 illustration - Psalms Chapter 119

141Ngimncane, ngidelelekile; iziyalezo zakho angizikhohlwa.

142Ukulunga kwakho kungukulunga okuphakade; umthetho wakho uyiqiniso.

143Ukuhlupheka nosizi kungehlele; imiyalo yakho iyintokozo yami.

144Ukulunga kobufakazi bakho kumi phakade; ngiphe ukuqonda ukuba ngiphile.

145Ngikhala ngenhliziyo yami yonke; ngizwe, Jehova; izimiso zakho ngiyakuzigcina.

Psalms 119 illustration - Psalms Chapter 119

146Ngikhala kuwe, ngisindise; ngiyakugcina ubufakazi bakho.

147Ngiyandulela uvivi lokusa ngikhala; ngiyethemba amazwi akho.

148Amehlo ami ayandulela imilindo yobusuku ukuba ngizindle ngezwi lakho.

149Yizwa izwi lami ngokomusa wakho, Jehova, ungiphilise ngokwezahlulelo zakho.

150Bayasondela abalandela ukonakala; bakude nomthetho wakho.

Psalms 119 illustration - Psalms Chapter 119

151Wena Jehova useduze; imiyalo yakho yonke iyiqiniso.

152Kudala ngazile ngobufakazi bakho ukuthi ubusekele kuze kube phakade.

153Bheka ukuhlupheka kwami, ungikhulule, ngokuba angikhohlwa umthetho wakho.

154Mela indaba yami, ungihlenge, ungiphilise ngokwezwi lakho.

155Ukusindiswa kukude nababi, ngokuba abafuni izimiso zakho.

Psalms 119 illustration - Psalms Chapter 119

156Ububele bakho, Jehova, bukhulu; ngiphilise ngokwezahlulelo zakho.

157Abangizingelayo nabayizitha kimi baningi; kepha ebufakazini bakho angichezuki.

158Lapho ngibona amambuka, ngiyadikibala, ngokuba awagcini izwi lakho.

159Bheka ukuthi ngithanda kangaka iziyalezo zakho, Jehova; ngiphilise ngokomusa wakho.

160Amazwi akho onke ayiqiniso; zonke izahlulelo zakho ezilungileyo zimi kuze kube phakade.

Psalms 119 illustration - Psalms Chapter 119

161Izikhulu ziyangizingela, kungekho sizathu, kepha inhliziyo yami iyesaba izwi lakho.

162Ngithokoza ngezwi lakho njengozuza impango enkulu.

163Amanga ngiyawazonda, ngiyawenyanya; umthetho wakho ngiyawuthanda.

164Kasikhombisa ngosuku ngiyakudumisa ngezahlulelo zokulunga kwakho.

165Abathanda umthetho wakho banokuthula okukhulu; akukho sikhubekiso kubo.

Psalms 119 illustration - Psalms Chapter 119

166Ngiyethemba insindiso yakho, Jehova; imiyalo yakho ngiyayenza.

167Umphefumulo wami uyagcina ubufakazi bakho; ngiyabuthanda kakhulu.

168Ngiyagcina iziyalezo zakho nobufakazi bakho, ngokuba izindlela zami zonke ziphambi kwakho.

169Ukukhala kwami makusondele ebusweni bakho, Jehova; ngiqondise ngokwezwi lakho.

170Ukuncenga kwami makuze ebusweni bakho; ngihlenge ngokwezwi lakho.

Psalms 119 illustration - Psalms Chapter 119

171Umlomo wami mawuchichime indumiso, ngokuba uyangifundisa izimiso zakho.

172Ulimi lwami malukhulume izwi lakho, ngokuba imiyalo yakho yonke ilungile.

173Isandla sakho masibe lusizo kimi, ngokuba ngikhethile iziyalezo zakho.

174Ngiyalangazelela insindiso yakho, Jehova; umthetho wakho uyintokozo yami.

175Umphefumulo wami mawuphile, ukudumise; izahlulelo zakho mazingisize.

Psalms 119 illustration - Psalms Chapter 119

176Ngiyaduka njengemvu elahlekileyo; funa inceku yakho, ngokuba angikhohlwa imiyalo yakho.

Chapter Complete

You have read Psalms 119

176 verses