Lumina
Psalms

His Mercy Endureth For Ever

Psalms 118·Zulu Bible

1Bongani uJehova, ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade.

2Makathi u-Israyeli: “Yebo, umusa wakhe umi phakade.”

3Mayithi indlu ka-Aroni: “Yebo, umusa wakhe umi phakade.”

4Mabathi abamesabayo uJehova: “Yebo, umusa wakhe umi phakade.”

5Engcingweni yami ngakhuleka kuJehova, uJehova wangiphendula endaweni ebanzi.

Psalms 118 illustration - Psalms Chapter 118

6UJehova ungakimi, angiyikwesaba; umuntu angangenzani na?

7UJehova ungakimi ekanye nabangisizayo; ngalokho ngiyakubabuka bephansi abangizondayo.

8Kuhle ukuphephela kuJehova kunokwethemba umuntu.

9Kuhle ukuphephela kuJehova kunokwethemba izikhulu.

10Bonke abezizwe bayangizungeza; egameni likaJehova ngiyakubachitha.

Psalms 118 illustration - Psalms Chapter 118

11Bayangikaka, yebo, bayangizungeza; egameni likaJehova ngiyakubachitha.

12Bayangibunganyela njengezinyosi, bacimeka njengomlilo wameva; egameni likaJehova ngiyakubachitha.

13Bayangihlohloloza ukuba ngiwe, kepha uJehova uyangisiza.

14UJehova ungamandla ami nesihlabelelo sami, waba yinsindiso yami.

15Izwi lokwethaba nelokusindiswa lisezindlini zabalungileyo; esokunene sikaJehova senza okwamandla.

Psalms 118 illustration - Psalms Chapter 118

16Esokunene sikaJehova siphakeme, esokunene sikaJehova sisebenza ngamandla.

17Angiyikufa, kepha ngiyakuphila, ngishumayele imisebenzi kaJehova.

18UJehova wangilaya nokungilaya, kodwa akanginikelanga ekufeni.

19Ngivuleleni amasango okulunga, ngingene ngawo, ngimdumise uJehova.

20Yileli isango likaJehova; olungileyo uyakungena ngalo.

Psalms 118 illustration - Psalms Chapter 118

21Ngiyakukudumisa, ngokuba ungizwile, waba yinsindiso yami.

22Itshe abalinqabayo abakhi selaba yinhloko yegumbi.

23Lona lavela kuJehova; liyisimangaliso emehlweni ethu.

24Yilolu usuku alwenzileyo uJehova; siyakwethaba, sithokoze ngalo.

25Sindisa, Jehova! ngiyakuncenga; hlahlamelisa, Jehova! ngiyakucela.

Psalms 118 illustration - Psalms Chapter 118

26Makabusiswe ozayo egameni likaJehova; siyanibusisa sisendlini kaJehova.

27UJehova unguNkulunkulu, usikhanyisele; hlobisani umkhosi ngamahlamvu kuze kube sezimpondweni ze-altare.

28Wena unguNkulunkulu wami, ngiyakukubonga; Nkulunkulu wami, ngiyakukuphakamisa.

29Bongani uJehova, ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade.

Chapter Complete

You have read Psalms 118

29 verses