Lumina
Psalms

I Love the LORD

Psalms 116·Zulu Bible

1Ngiyamthanda uJehova, ngokuba uyezwa izwi lokukhuleka kwami.

2Ngokuba ubekile indlebe kimi ngiyakukhuleka kuye zonke izinsuku zami.

3Izintambo zokufa zangizungeza, nobuhlungu bendawo yabafileyo bangibamba; ngafumana ukuhlupheka nosizi.

4Kepha ngabiza igama likaJehova, ngathi: “Ngiyakuncenga, Jehova, khulula umphefumulo wami.”

5Unomusa uJehova, ulungile; uNkulunkulu wethu unobubele.

Psalms 116 illustration - Psalms Chapter 116

6UJehova uyalondoloza ongenabuqili; ngithotshisiwe phansi wangisindisa.

7Buyela ekuphumuleni kwakho, mphefumulo wami, ngokuba uJehova ukuphathe ngomusa.

8Yebo, ukhululile umphefumulo wami ekufeni, amehlo ami ezinyembezini, nezinyawo zami ekuweni.

9Ngiyakuhamba ebusweni bukaJehova ezweni labaphilayo.

10Ngiyakholwa, ngalokho ngiyakhuluma; ngahlushwa kakhulu.

Psalms 116 illustration - Psalms Chapter 116

11Ngathi osizini lwami: “Bonke abantu banamanga.”

12Ngiyakubuyiselani kuJehova ngazo zonke izenzo zakhe ezinhle kimina na?

13Ngiyakuthatha indebe yensindiso, ngibize igama likaJehova.

14Izithembiso zami kuJehova ngiyakuzigcwalisa, yebo, nasebusweni babantu bakhe bonke.

15Kuyigugu emehlweni kaJehova ukufa kwabangcwele bakhe.

Psalms 116 illustration - Psalms Chapter 116

16Ngiyinceku yakho impela, Jehova; ngiyinceku yakho, indodana yencekukazi yakho; uthukululile izintambo zami.

17Ngiyakunikela kuwe umnikelo wokubonga, ngibize igama likaJehova.

18Izithembiso zami kuJehova ngiyakuzigcwalisa yebo, nasebusweni babantu bakhe bonke,

19emagcekeni endlu kaJehova, phakathi kwakho, Jerusalema. Haleluya!

Chapter Complete

You have read Psalms 116

19 verses