1Bongani uJehova, ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade.
2Mabasho njalo abahlengiweyo bakaJehova, abahlengileyo esandleni sesitha;
3wababutha emazweni, empumalanga nasentshonalanga, enyakatho naselwandle.
4Bazulazula ehlane ngendlela yakwahlongasibi, abafumananga umuzi wokuhlala.
5Belambile, bomile, umphefumulo wabo waphela amandla phakathi kwabo.

6Base bekhala kuJehova ekuhluphekeni kwabo; wabakhulula ezinsizini zabo.
7Wabahola ngendlela elungileyo ukuba baye emzini wokuhlala.
8Mababonge uJehova ngomusa wakhe nezimangaliso zakhe kubo abantwana babantu.
9Ngokuba usuthisa umphefumulo olangazelayo; umphefumulo olambayo uyawugcwalisa ngokuhle.
10Babehlezi ebumnyameni nasethunzini lokufa beboshiwe osizini nasensimbini,

11ngokuba babephambene namazwi kaNkulunkulu, babesidelele isiluleko soPhezukonke.
12Wathobisa inhliziyo yabo ngokuhlupheka; bawa kungekho osizayo.
13Base bekhala kuJehova ekuhluphekeni kwabo, wabakhulula ezinsizini zabo.
14Wabakhipha ebumnyameni nasethunzini lokufa, wagqabula izibopho zabo.
15Mababonge uJehova ngomusa wakhe nangezimangaliso zakhe kubo abantwana babantu.

16Ngokuba waphulile amasango ethusi, wanquma imigoqo yensimbi.
17Babe yizithutha ngenxa yeziphambeko zabo; ngenxa yobubi babo babehlushwa.
18Umphefumulo wabo wenyanya konke ukudla; basondela emasangweni okufa.
19Base bekhala kuJehova ekuhluphekeni kwabo; wabakhulula ezinsizini zabo.
20Wathuma izwi lakhe, wabaphilisa, wabakhulula emathuneni abo.

21Mababonge uJehova ngomusa wakhe, nezimangaliso zakhe kubo abantwana babantu.
22Mabanikele iminikelo yokubonga, balande imisebenzi yakhe ngokwethaba.
23Behlela elwandle ngemikhumbi, bathengiselana emanzini amakhulu.
24Laba babona imisebenzi kaJehova nezimangaliso zakhe ekujuleni.
25Ngokuba wakhuluma, wavusa umoya wesiphepho owaphakamisa amadlambi olwandle.

26Bakhuphukela ezulwini, babuye behlela kuzo izintwa; umphefumulo wancibilika ngosizi.
27Bayendayenda, bantengezela njengodakiweyo; konke ukuhlakanipha kwabo kwagwinywa.
28Base bekhala kuJehova ekuhluphekeni kwabo, wabakhulula ezinsizini zabo.
29Wathulisa isiphepho, kwaze kwaba ngukuthula, kwathula namadlambi olwandle.
30Base bethokoza, ngokuba kwaba ngukuthula; wabaholela ethekwini lokufisa kwabo.

31Mababonge uJehova ngomusa wakhe nangezimangaliso zakhe kubo abantwana babantu.
32Mabamphakamise ebandleni labantu, bamdumise emhlanganweni wamalunga.
33Imifula wayiphendula ihlane, nemithombo yamanzi isigagadu,
34nomhlabathi ovundileyo waba lugwadule lukasawoti ngenxa yobubi babahlezi khona.
35Ihlane waliphendula amachibi amanzi, nomhlabathi owomileyo imithombo yamanzi.

36Wabahlalisa khona abalambileyo, bakha khona umuzi wokuhlala.
37Balima amasimu, batshala isivini, kwabathelela izithelo.
38Wababusisa, banda kakhulu, akanciphisa izinkomo zabo.
39Babuye bancipha, bathotshiswa ngokucindezelwa, nangobubi, nangosizi.
40Wathela ukudelelwa phezu kwezikhulu, wabazulazulisa ehlane elingenandlela.

41Nokho waphakamisa ompofu, wamkhipha osizini, enza imindeni njengomhlambi.
42Olungileyo uyakukubona, ajabule; ububi bonke bumelwe ukuvala umlomo.
43Ohlakaniphileyo makaqaphele lokhu; bayakuqonda umusa kaJehova.
You have read Psalms 107
43 verses