Lumina
Psalms

Praise Ye the LORD

Psalms 106·Zulu Bible

1Haleluya! Bongani uJehova, ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade.

2Ngubani ongalanda izenzo zamandla zikaJehova, azwakalise lonke udumo lwakhe, na?

3Babusisiwe abaqaphela ukwahlulela kwakhe, owenza ukulunga ngezikhathi zonke.

4Ngikhumbule, Jehova, ngomusa onawo kubantu bakho, ungihambele ngensindiso yakho,

5ukuze ngibone inhlanhla yabakhethiweyo bakho, ngithokoze ngentokozo yesizwe sakho, ngizibonge kanye nefa lakho.

Psalms 106 illustration - Psalms Chapter 106

6Sonile kanye nawobaba; senzile okubi, sonakala.

7Obaba abaqondanga izibonakaliso zakho eGibithe, abakhumbulanga ubuningi bezenzo zakho zomusa; bahlubuka ngaselwandle, uLwandle Olubomvu.

8Nokho wabasindisa ngenxa yegama lakhe, ukuze abonakalise amandla akhe.

9Wakhuza uLwandle Olubomvu, lwasha; wabaholela ekujuleni njengasehlane.

10Wabasindisa esandleni sababazondayo, wabakhulula esandleni sesitha.

Psalms 106 illustration - Psalms Chapter 106

11Amanzi asibekela izitha zabo; akwasala noyedwa kubo.

12Khona bakholwa ngamazwi akhe, bahlabelela udumo lwakhe.

13Bashesha bakhohlwa imisebenzi yakhe, abalindelanga isiluleko sakhe.

14Bahaha nokuhaha ehlane, bamlinga uNkulunkulu kwahlongasibi.

15Wabanika abakufisayo, kepha wathuma ukonda emiphefumulweni yabo.

Psalms 106 illustration - Psalms Chapter 106

16Baba nomhawu ngoMose ekamu, nango-Aroni ongcwele kaJehova.

17Umhlaba wavuleka, wamgwinya uDathani, wagqiba iviyo lika-Abiramu.

18Kokheleka umlilo eviyweni labo; ilangabi lashisa laqeda ababi.

19Benza ithole eHorebe; bakhuleka kuso isithombe esibunjiweyo.

20Baguqula kanjalo inkazimulo yabo, yaba njengenkabi edla utshani.

Psalms 106 illustration - Psalms Chapter 106

21Bakhohlwa uNkulunkulu umsindisi wabo owayezenzile izinto ezinkulu eGibithe,

22izimangaliso ezweni likaHamu nokwesabekayo ngaseLwandle Olubomvu.

23Wathi ubezakubabhubhisa, uma uMose okhethiweyo wakhe ebengemanga ebusweni bakhe ukubakhulumela, ukuze amyekise intukuthelo yakhe, funa ababhubhise.

24Badelela izwe elihle, babengakholwa yizwi lakhe.

25Bakhonona besematendeni abo; babengalaleli izwi likaJehova.

Psalms 106 illustration - Psalms Chapter 106

26Ngalokho waphakamisa isandla sakhe ngakubo ukuba abawise ehlane,

27awise nenzalo yabo phakathi kwabezizwe, abahlakaze emazweni.

28Bazihlanganisa noBali Peyori, badla okuhlatshelwe abafileyo.

29Bamcunula ngezenzo zabo; kwabhoboka isifo phakathi kwabo.

30Wayesesuka uFinehasi, wahlulela; saphela isifo;

Psalms 106 illustration - Psalms Chapter 106

31lokhu wakubalelwa njengokulunga ezizukulwaneni ngezizukulwane kuze kube phakade.

32Bamcunula ngasemanzini aseMeriba; kwaba kubi kuMose ngenxa yabo.

33Ngokuba baphambana noMoya wakhe; wakhuluma ngamawala ngomlomo wakhe.

34Abababhubhisanga abantu uJehova abayaleza ngabo,

35kepha bahlangana nabezizwe, bafunda imisebenzi yabo.

Psalms 106 illustration - Psalms Chapter 106

36Bakhonza izithombe zabo, zaba lugibe kubo.

37Amadodana namadodakazi abo bawahlabela amademoni.

38Bachitha igazi elingenacala, igazi lamadodana abo namadodakazi abo abawahlabela izithombe zaseKhanani; izwe langcoliswa yigazi.

39Bangcola kanjalo ngemisebenzi yabo, baphinga ezenzweni zabo.

40Intukuthelo kaJehova yokheleka ngakubantu bakhe; ifa lakhe laba yisinengiso kuye.

Psalms 106 illustration - Psalms Chapter 106

41Wabanikela esandleni sabezizwe; ababazondayo bababusa.

42Izitha zabo zabacindezela, bathotshiswa phansi kwesandla sazo.

43Kaningi wabakhulula; kepha bahlubuka ngecebo labo, bawiswa phansi ngobubi babo.

44Nokho wanaka ukuhlupheka kwabo, esezwile ukukhala kwabo.

45Wabakhumbulela isivumelwano sakhe; waphenduka ngokobuningi bomusa wakhe.

Psalms 106 illustration - Psalms Chapter 106

46Wabatholisa ububele ebusweni babo bonke ababebathumbile.

47Sisindise, Jehova Nkulunkulu wethu, sibuthe kwabezizwe ukuba sidumise igama lakho elingcwele, sethabe ekukudumiseni.

48Makabongwe uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli kusukela phakade kuze kube phakade. Abantu bonke mabathi: “Amen.” Haleluya!

Chapter Complete

You have read Psalms 106

48 verses