Lumina
Psalms

Bless the LORD, O My Soul

Psalms 103·Zulu Bible

1Mbonge uJehova, mphefumulo wami; konke okuphakathi kwami makubonge igama lakhe elingcwele.

2Mbonge uJehova, mphefumulo wami, ungakhohlwa imisebenzi yonke yakhe yomusa,

3yena othethelela zonke izono zakho, owelapha zonke izifo zakho;

4okhulula ukuphila kwakho ekubhujisweni, okuqhelisa ngomusa nangobubele;

5osuthisa ukulangazela kwakho ngokuhle, ubusha bakho bubuyiswe njengokhozi.

Psalms 103 illustration - Psalms Chapter 103

6UJehova ubenzela bonke abacindezelwayo ukulunga nokwahlulela.

7Wamazisa uMose izindlela zakhe, nabantwana bakwa-Israyeli izenzo zakhe.

8UJehova unobubele nesihawu; wephuza ukuthukuthela, kuvama umusa.

9Akathethi njalonjalo; akagcini intukuthelo yakhe kuze kube phakade.

10Akasiphathi njengokufanele izono zethu, akasivuzi njengokwamacala ethu.

Psalms 103 illustration - Psalms Chapter 103

11Ngokuba njengokuphakama kwezulu phezu komhlaba unjalo umusa wakhe phezu kwabamesabayo.

12Njengokuba impumalanga yahlukene nentshonalanga, udedisile kangaka kithi iziphambeko zethu.

13Njengoyise ehawukela abantwana bakhe, kanjalo uJehova uyabahawukela abamesabayo.

14Ngokuba uyakwazi ukubunjwa kwethu; uyakhumbula ukuthi siluthuli.

15Izinsuku zomuntu zinjengotshani; uyakhahlela njengembali yasendle.

Psalms 103 illustration - Psalms Chapter 103

16Ngokuba umoya uyadlula phezu kwayo, bese yinyamalala, nendawo yayo ingabe isayazi.

17Kepha umusa kaJehova uphezu kwabamesabayo kwaphakade kuze kube phakade, nokulunga kwakhe kubantwana babantwana,

18kubo abagcina isivumelwano sakhe bekhumbula iziyalezo zakhe ukuba bazenze.

19UJehova umisile isihlalo sakhe sobukhosi ezulwini; nombuso wakhe ubusa phezu kwakho konke.

20Bongani uJehova nina zingelosi zakhe, nina maqhawe anamandla enenza okwezwi lakhe nilalela ukukhuluma kwezwi lakhe.

Psalms 103 illustration - Psalms Chapter 103

21Bongani uJehova nina mabandla onke akhe, nina zinceku zakhe enenza intando yakhe.

22Bongani uJehova nina misebenzi yakhe yonke ezindaweni zonke zombuso wakhe. Mbonge uJehova, mphefumulo wami.

Chapter Complete

You have read Psalms 103

22 verses