1Ukuhlakanipha kwakhile indlu yakho; kuzibazile izinsika zakho eziyisikhombisa.
2Kuhlabile umhlatshelo, kuvubele iwayini lakho; futhi kulungisile itafula lakho.
3Kuthumile izintombi zakho, kuyamema emagqumeni aphakemeyo omuzi, kuthi:
4“Ongenalwazi makaphambukele lapha,” kongenangqondo kuthi:
5“Wozani nidle isinkwa sami, niliphuze iwayini engilivubeleyo.

6Yekani ubuwula, niphile, nihambe ngendlela yokuqonda.
7“Osola isideleli uzithathela inhlamba; othethisa omubi uzitholela isisihla.
8Ungathethisi isideleli, funa sikuzonde; thethisa isihlakaniphi, siyakukuthanda.
9Siphe isihlakaniphi, siyakwanda ngokuhlakanipha; fundisa olungileyo, uyakwenezela emfundweni.
10“Ukuqala kokuhlakanipha kungukumesaba uJehova, nokumazi oNgcwele kungukuqonda.

11Ngokuba ngami izinsuku zakho ziyakuba ziningi, neminyaka yokuphila kwakho iyakwenezelwa kuwe.
12Uma uhlakaniphile, uzihlakaniphele; uma udelela, uyakukuthwala wena wedwa.”
13Ubuwula bungowesifazane oyisithutha onomsindo, ongazi lutho.
14Uhlezi ngasemnyango wendlu yakhe esihlalweni ezindaweni eziphakemeyo zomuzi
15ukuba ameme abadlula endleleni, abaqonda emikhondweni yabo, ngokuthi:

16“Ongenalwazi makaphambukele lapha,” kongenangqondo uthi:
17“Amanzi ebiweyo amnandi, nesinkwa sentukuso singesenamisayo.”
18Kepha akazi ukuthi kuyizithunzi ezilapho nokuthi izimenywa zakhe zisezigodini zendawo yabafileyo.
You have read Proverbs 9
18 verses