Lumina
Proverbs

Warning Against Folly

Proverbs 5·Zulu Bible

1Ndodana yami, lalela ukuhlakanipha kwami, ubeke indlebe yakho ekuqondeni kwami

2ukuba ugcine amasu, nezindebe zakho zilonde ukwazi.

3Ngokuba izindebe zowesifazane ondindayo ziconsa izinyosi; umlomo wakhe ubushelezi kunamafutha.

4Kepha ekugcineni umunyu njengomhlonyane, ubukhali njengenkemba enezinhlangothi ezimbili.

5Izinyawo zakhe ziyehlela ekufeni; izinyathelo zakhe zibambelela endaweni yabafileyo.

Proverbs 5 illustration - Proverbs Chapter 5

6Akanaki umkhondo wokuphila; imikhondo yakhe iyaguquguquka, engazi.

7Ngalokho, madodana ami, ngizweni, ningachezuki emazwini omlomo wami.

8Dedisela kude naye indlela yakho, ungasondeli emnyango wendlu yakhe,

9funa unike abanye udumo lwakho, naye ononya iminyaka yakho,

10funa abezizwe basuthe ngamandla akho, umshikashika wakho ube sendlini yomfokazi,

Proverbs 5 illustration - Proverbs Chapter 5

11uze ububule ekugcineni, lapho umzimba wakho nenyama yakho kuqediwe,

12ngokuthi: “Yeka ukuzonda kwami ukulaywa nokudelela kwenhliziyo yami ukusolwa!

13Angilalelanga izwi labafundisi bami, angibekanga indlebe yami kubo abangifundisayo.

14Ngacishe ngaba sebubini bonke phakathi kwebandla nasemhlanganweni.”

15Phuza amanzi emgodini wakho, amanzi agobhozayo emthonjeni wakho.

Proverbs 5 illustration - Proverbs Chapter 5

16Imithombo iyaphalala ngaphandle yini, nemifula yamanzi ezigcawini, na?

17Mayibe ngeyakho wena wedwa, ingabi ngeyabafokazi kanye nawe.

18Mawubusiswe umthombo wakho, uthokoze ngomfazi wobusha bakho.

19Uyindluzelekazi ethandayo negogokazi elihle; amabele akhe mawakudelise ngesikhathi sonke, weqiwe njalo luthando lwakhe.

20Ubuyakweqelwani ngowesifazane ondindayo, ndodana yami, ugone isifuba somfokazi, na?

Proverbs 5 illustration - Proverbs Chapter 5

21Ngokuba izindlela zomuntu ziphambi kwamehlo kaNkulunkulu; uyenza yonke imikhondo yakhe ukuba ilingane.

22Omubi uyakubanjwa ngububi bakhe, abhajwe ngezintambo zezono zakhe.

23Uyakufa yena ngokuswela ukulaywa, nangobuningi bobuwula bakhe uyakuduka.

Chapter Complete

You have read Proverbs 5

23 verses