Lumina
Proverbs

A Virtuous Woman

Proverbs 31·Zulu Bible

1Amazwi kaLemuweli, inkosi yaseMasa, awafundiswa ngunina.

2“Yini, ndodana yami, yini, ndodana yesizalo sami, yini, ndodana yezithembiso zami, na?

3Unganiki abesifazane amandla akho, nezindlela zakho kwababhubhisa amakhosi.

4“Akusikho okwamakhosi, Lemuweli, akusikho okwamakhosi ukuphuza iwayini, nokwababusi ukufisa uphuzo olunamandla,

5funa baphuze, bakhohlwe izimiso, baguqule ukwahlulelwa kwabantwana bokuhlupheka.

Proverbs 31 illustration - Proverbs Chapter 31

6Mnike obhubhayo uphuzo olunamandla nomunyu enhliziyweni iwayini.

7Makaphuze akhohlwe ubumpofu bakhe, angabe esakhumbula usizi lwakhe.

8“Sivulele isimungulu umlomo wakho, umele bonke abantwana abayizintandane.

9Vula umlomo wakho, wahlulele ngokulunga, umele abahluphekayo nabampofu.”

10Ngubani ongathola umfazi okhutheleyo na? Ngokuba inani lakhe lidlula kakhulu amarubi.

Proverbs 31 illustration - Proverbs Chapter 31

11Inhliziyo yendoda yakhe iyethemba kuye; ayiyikuswela inzuzo.

12Uyayenzela okuhle, kungabi ngokubi, zonke izinsuku zokuphila kwakhe.

13Ufuna uboya bezimvu nefilakisi; usebenza ngezandla ezivumayo.

14Unjengemikhumbi yabathengi; ulanda kude ukudla kwakhe.

15Uyavuka kuse sebusuku, aphe abendlu yakhe ukudla namantombazana akhe imisebenzi yawo.

Proverbs 31 illustration - Proverbs Chapter 31

16Ucabanga ngensimu, ayithenge; ngesithelo sezandla zakhe utshala isivini,

17Uyabhinca okhalweni amandla; uyaqinisa izingalo zakhe.

18Uyabona ukuthi ukuphatha kwakhe kunenzuzo; isibani sakhe asicimeki nasebusuku.

19Uyabeka izandla zakhe othini lokuphotha izintambo, neminwe yakhe ibamba insimbi.

20Ohluphekayo uyamvulela isandla sakhe, yebo, uzelulela abampofu izandla zakhe.

Proverbs 31 illustration - Proverbs Chapter 31

21Akesatshiswa ngabendlu yakhe ngungqoqwane; ngokuba bonke abendlu yakhe bembathiswa okubomvu.

22Uyazenzela izindwangu ezimbozayo; izambatho zakhe ziyilineni elicolekileyo nokububende.

23Indoda yakhe iyaziwa emasangweni, lapho ihlezi namalunga ezwe.

24Wenza izingubo zelineni, athengise ngazo, anikele kubathengi amabhande.

25Amandla nesithunzi kungukwembatha kwakhe; uhleka usuku oluzayo.

Proverbs 31 illustration - Proverbs Chapter 31

26Uyawuvula umlomo wakhe ngokuhlakanipha, nomthetho womusa usolimini lwakhe.

27Uyaqaphela okwenziwayo endlini yakhe, akadli isinkwa sobuvila.

28Abantwana bakhe bayasukuma, bambusise; nendoda yakhe iyamdumisa ngokuthi:

29“Baningi abafazi abakhutheleyo, kepha wena ubadlula bonke.”

30Ubuhle buyinkohliso, nokubukeka kuyize, kepha owesifazane owesaba uJehova uyakudunyiswa.

Proverbs 31 illustration - Proverbs Chapter 31

31Muphe ezithelweni zezandla zakhe, izenzo zakhe zimdumise emasangweni.

Chapter Complete

You have read Proverbs 31

31 verses