Lumina
Proverbs

More Proverbs of Solomon

Proverbs 25·Zulu Bible

1Nalezi ziyizaga zikaSolomoni ezaphindwa ngamadoda kaHezekiya inkosi yakwaJuda.

2Kuludumo lukaNkulunkulu ukusitha into, kepha udumo lwamakhosi lungukuphenya indaba.

3Njengezulu ngokuphakama nomhlaba ngokujula, injalo inhliziyo yomuntu ngokuphenywa.

4Susa amanyela esiliveni, bese kuthi kuphumele umkhandi isitsha.

5Susa omubi phambi kwenkosi, bese kuthi isihlalo sayo sobukhosi siqiniswe ngokulunga.

Proverbs 25 illustration - Proverbs Chapter 25

6Ungaziphakamisi phambi kwenkosi, ungemi endaweni yabakhulu.

7Ngokuba kungcono ukuba kuthiwe kuwe: “Yenyuka lapha,” kunokuba wehliswe phambi kwesikhulu asesibonile amehlo akho.

8Ungasheshi ukuphuma ukuyophikisana ukuba ungazi ukuthi uyakwenze njani ekugcineni, lapho umakhelwane wakho ekuhlazisile.

9Mela indaba yakho nomakhelwane wakho, ungambuli imfihlakalo yomunye,

10funa okuzwayo akuhlazise, nodumo lwakho lungabuyi.

Proverbs 25 illustration - Proverbs Chapter 25

11Izwi elikhulunywayo ngesikhathi esiyiso linjengama-apula asezitsheni zesiliva.

12Njengecici legolide nesivunulo segolide elicwengekileyo, unjalo umsoli ohlakaniphileyo endlebeni elalelayo.

13Njengokubanda kweqhwa ngosuku lokuvuna, sinjalo isithunywa esithembekileyo kosithumileyo, ngokuba siyahlumelela inkosi yaso.

14Njengamafu nomoya ngaphandle kwemvula kodwa, unjalo umuntu ozidumisa ngesipho angasiphiyo.

15Ngokubekezela kade isikhulu singavunyiswa, nolimi oluthambileyo luyaphula amathambo.

Proverbs 25 illustration - Proverbs Chapter 25

16Uma uthole izinyosi, yidla okwanele wena, funa udinwe, ubuye uhlanze.

17Unyawo lwakho malungavami endlini yomakhelwane wakho, funa adinwe nguwe, abuye akuzonde.

18Umuntu ofakazela amanga ngomakhelwane wakhe uyisando, nenkemba, nomcibisholo obukhali.

19Ukwethemba ombuluzayo ngosuku lokuhlupheka kunjengezinyo elaphukileyo nonyawo olwenyeleyo.

20Oyihlabelelela inhliziyo edabukileyo izihlabelelo unjengokhumula ibhantshi ngosuku lwamakhaza, nanjengoviniga esilondeni.

Proverbs 25 illustration - Proverbs Chapter 25

21Uma okuzondayo elambile, mnike ukudla, adle; uma omile, muphe amanzi, aphuze.

22Ngokuba uyakubuthela amalahle omlilo ekhanda lakhe, besekuthi uJehova akuvuze.

23Umoya wasenyakatho uyaletha imvula, nolimi olunyenyayo ubuso obuthukutheleyo.

24Kungcono ukuhlala egumbini lophahla kunokuhlala nowesifazane oxabanayo endlini ehlanganyelweyo.

25Njengamanzi aqandayo emphefumulweni owomileyo, unjalo umbiko omuhle ovela ezweni elikude.

Proverbs 25 illustration - Proverbs Chapter 25

26Njengomthombo odungekileyo nesiphethu esonakaleyo, unjalo olungileyo ozanyazanyiswa phambi komubi.

27Ukudla izinyosi eziningi akukuhle, nokuzifunela udumo kakusilo udumo.

28Njengomuzi odiliziweyo ungenalugange, unjalo umuntu omoya wakhe ungenakubanjwa.

Chapter Complete

You have read Proverbs 25

28 verses