1Igama elihle likhethekile kunengcebo enkulu, nomusa kunesiliva negolide.
2Abacebileyo nabampofu bahlangene; uJehova ungumenzi wabo bonke.
3Qqondileyo uyabona ububi, acashe, kepha abangenalwazi badlula nje, bahlupheke ngakho.
4Umvuzo wokuthobeka kokumesaba uJehova uyingcebo, nodumo, nokuphila.
5Ameva nezingibe kusendleleni yabaphambeneyo, kepha ogcina umphefumulo wakhe uyakudedela kude nakho.

6Khulisa umntwana ngendlela eyakuba ngeyakhe; kuyakuthi lapho esekhulile, angasuki kuyo.
7Isicebi sibusa phezu kwabampofu, nobolekayo uyisigqila somtshelekileyo.
8Ohlwanyela ububi uyakuvuna usizi, nenduku yolaka lwakhe iyakuphela.
9Oneso elimnene uyakubusiswa, ngokuba uyapha ompofu okwesinkwa sakhe.
10Xosha isideleli, besekuphuma ukuxabana, kuphele ukuphikisana nehlazo.

11Othanda inhlanzeko ngenhliziyo nonomusa emlonyeni wakhe ungumngane wenkosi.
12Amehlo kaJehova anaka onokwazi, kepha uyachitha amazwi ombuluzayo.
13Ivila lithi: “Kukhona ingonyama ngaphandle; ngiyakubulawa phandle esigcawini.”
14Umlomo wowesifazane ondindayo ungumgodi ojulileyo; othukuthelelwayo nguJehova uyakuwela kuwo.
15Ubuwula buboshelwe enhliziyweni yomntwana, kepha induku yokulaya iyabudedisela kude naye.

16Ocindezela ompofu ukuba azandisele nophayo isicebi bayakuba ngabokuswela kuphela.
17Beka indlebe yakho, uzwe amazwi ezihlakaniphi, ubeke ukufundisa kwami enhliziyweni yakho.
18Ngokuba kumnandi, uma ukugcina phakathi kwakho, kubekwe kanyekanye ezindebeni zakho.
19Ukuba ithemba lakho libe kuJehova, ngikwazisile khona namuhla, yebo, wena.
20Angithi ngilobile kuwe nangaphambili ngeziluleko nangokwazi,

21ukuze ngikwazise ukuthembeka kwamazwi eqiniso ukuba ubuyisele kwabakuthumileyo amazwi eqiniso, na?
22Ungamphangi ompofu ngokuba empofu, ungamchobozi oswelayo esangweni,
23ngokuba uJehova uyakumela indaba yabo, aphuce ababaphucayo umphefumulo wabo.
24Ungabi ngumngane womuntu onolaka, ungahambi nomuntu onokufutheka,
25funa ufunde izindlela zakhe, uthole ugibe lomphefumulo wakho.

26Ungabi ngowabaxhawulanayo, nowabayizibambiso zezikwenetu;
27uma kungekho ongakhokha ngakho, ubuyakususelwani umbhede wakho phansi kwakho na?
28Ungasusi isikhonkwane esidala oyihlo abasimisileyo.
29Uyambona umuntu ehlakaniphile emsebenzini wakhe na? Uyakuma phambi kwamakhosi, akayikuma phambi kwabantukazana nje.
You have read Proverbs 22
29 verses