Lumina
Proverbs

The King's Heart

Proverbs 21·Zulu Bible

1Inhliziyo yenkosi isesandleni sikaJehova njengemifula yamanzi; uyayiphendulela lapho ethanda khona.

2Zonke izindlela zomuntu zilungile emehlweni akhe, kepha uJehova ulinganisa izinhliziyo.

3Ukwenza ukulunga nokwahlulela kukhethekile kuJehova kunemihlatshelo.

4Ukuzidla kwamehlo nokuziqhenya kwenhliziyo, isibani sababi, kuyisono.

5Imicabango yokhutheleyo isenzuzweni, kepha eyabo bonke abaphangisayo isekusweleni kuphela.

Proverbs 21 illustration - Proverbs Chapter 21

6Ukuthola ingcebo ngolimi lwamanga kuyize elizulazuliswa, nezingibe zokufa.

7Ukuchitha kwababi kuyabaqothula, ngokuba benqaba ukwenza ukulunga.

8Indlela yothweswe icala iyinsongensonge, kepha ohlanzekileyo, isenzo sakhe silungile.

9Kungcono ukuhlala egumbini lophahla kunokuhlala nowesifazane oxabanayo endlini ehlanganyelweyo.

10Umphefumulo womubi ufisa okubi; umakhelwane wakhe kafumani isisa emehlweni akhe.

Proverbs 21 illustration - Proverbs Chapter 21

11Lapho isideleli sihlawuliswa, ongenalwazi uyahlakanipha, nalapho ohlakaniphileyo efundiswa, uyathola ukwazi.

12Olungileyo uyaqaphela indlu yomubi; ababi bayachithelwa ebubini.

13Ovala indlebe yakhe ngokukhala kompofu naye uyakukhala angaphendulwa.

14Isipho ekusithekeni siyadambisa ulaka, nomvuzo esifubeni ukufutheka okunamandla.

15Kuyintokozo kolungileyo ukwenza ukwahlulela, kepha kwabenza ukona kuyincithakalo.

Proverbs 21 illustration - Proverbs Chapter 21

16Umuntu oduka endleleni yokuhlakanipha uyakuphumula ebandleni lezithunzi.

17Othanda injabulo uyakuba mpofu, nothanda iwayini namafutha kayikuceba.

18Omubi uyihlawulo lolungileyo, nombuluzayo usesikhundleni sabaqotho.

19Kungcono ukuhlala ezweni lasehlane kunokuhlala nowesifazane oxabanayo nothethayo.

20Kukhona ingcebo enxanelekayo namafutha endlini yohlakaniphileyo, kepha umuntu oyisiwula uyakugwinya.

Proverbs 21 illustration - Proverbs Chapter 21

21Olandela ukulunga nomusa uyafumana ukuphila, nokulunga, nodumo.

22Ohlakaniphileyo angenyukela emzini wamaqhawe, awise phansi inqaba ayethembayo wona.

23Ogcina umlomo wakhe nolimi lwakhe ulonda umphefumulo wakhe ezinsizini.

24Ozidlayo nozigabisayo, yisideleli igama lakhe, yena osebenza ngokuziphakamisa okukhulu.

25Isifiso sevila siyalibulala, ngokuba izandla zalo ziyenqaba ukusebenza.

Proverbs 21 illustration - Proverbs Chapter 21

26Kuyafiswa nokufiswa usuku lonke, kepha olungileyo uyaphana engancishi.

27Umhlatshelo wababi uyisinengiso; kakhulu kangakanani uma ulethwa ngomgomo omubi.

28Ufakazi wamanga uyabhujiswa, kepha umuntu ozwileyo angakhuluma njalo.

29Umuntu omubi uyenza lukhuni ubuso bakhe, kepha oqotho uyanaka indlela yakhe.

30Akukho ukuhlakanipha, akukho ukuqonda, nesiluleko, okungamelana noJehova.

Proverbs 21 illustration - Proverbs Chapter 21

31Ihhashi lilungiselwa usuku lokulwa, kepha ukusindiswa kungokukaJehova.

Chapter Complete

You have read Proverbs 21

31 verses