Lumina
Proverbs

A Friend Loveth

Proverbs 17·Zulu Bible

1Umthamo owomileyo kanye nokuthula ungcono kunendlu egcwele okuhlatshiweyo kanye nokuxabana.

2Inceku eqondileyo iyabusa phezu kwendodana ehlazisayo; iyakudla ifa phakathi kwezelamani.

3Ukhamba lokuncibilikisela lungolwesiliva, nesithando ngesegolide, kepha ovivinya izinhliziyo nguJehova.

4Owenza okubi uqaphela izindebe zokona, nomqambimanga ubeka indlebe olimini olubi.

5Oklolodela ompofu usola uMenzi wakhe, nothokoza ngengozi akayikuyekwa.

Proverbs 17 illustration - Proverbs Chapter 17

6Abantwana babantwana bangumqhele wabadala, nodumo lwabantwana lungoyise.

7Izindebe ezinobungcweti azifanele isiwula; kakhulu kangakanani umlomo wamanga isikhulu.

8Isipho sinjengetshe elinqabileyo emehlweni omninilo: noma ebhekaphi, uyaphumelela.

9Osibekela isiphambeko ufuna uthando, kepha onokondisa indaba wahlukanisa abahlobo.

10Insolo ingena koqondileyo kunemivimbo eyikhulu koyisiwula.

Proverbs 17 illustration - Proverbs Chapter 17

11Omubi ufuna ukuhlubuka kuphela; ngalokho kuyakuthunyelwa kuye isithunywa esinonya.

12Umuntu makahlangane nebhere elaphuciwe amawundlu alo kunesiwula ebuwuleni baso.

13Ophindisela okuhle ngokubi, ububi abuyikusuka endlini yakhe.

14Ukuqala kokuxabana kunjengokuvula amanzi; ngalokho yeka inkani, ingakashisi.

15Othetha omubi nolahla olungileyo bayisinengiso kuJehova bobabili.

Proverbs 17 illustration - Proverbs Chapter 17

16Yini ukuba kube yimali esandleni sesiwula ukuthenga ukuhlakanipha, kungekho ukuqonda, na?

17Umngane uthanda ngezikhathi zonke, nomzalwane uzalwa ekuhluphekeni.

18Umuntu oswela ingqondo unikana nomunye izandla, abe yisibambiso phambi komakhelwane wakhe.

19Othanda ukuxabana uthanda isiphambeko; owenza umnyango wakhe ukuba uphakame ufuna ukubhujiswa.

20Onenhliziyo ephambeneyo akafumani okuhle; onolimi oluyisigwegwe uwela engozini.

Proverbs 17 illustration - Proverbs Chapter 17

21Ozala isiwula kulusizi kuye; uyise wesiwula akathokozi.

22Inhliziyo eyenamileyo iyikhambi elihle, kepha umoya owaphukileyo uyomisa amathambo.

23Omubi uyamukela umvuzo okhishwa esifubeni ukuba aphambukise izindlela zokwahlulela.

24Ukuhlakanipha kuphambi koqondileyo, kepha amehlo esiwula asemikhawulweni yomhlaba.

25Indodana eyisiwula ilusizi kuyise nokubaba kowayizalayo.

Proverbs 17 illustration - Proverbs Chapter 17

26Ukuhlawulisa olungileyo akukuhle, nokushaya abaqotho akulungile.

27Obamba amazwi akhe unokwazi; onomoya opholileyo ungumuntu oqondileyo.

28Nesiwula lapho sithule kuthiwa isihlakaniphi; ovala umlomo wakhe ungoqondileyo.

Chapter Complete

You have read Proverbs 17

28 verses