Lumina
Numbers

Israel's Journeys

Numbers 33·Zulu Bible

1Nanka amabanga ohambo lwabantwana bakwa-Israyeli abaphuma ngawo ezweni laseGibithe ngamabandla abo phansi kwesandla sikaMose nesika-Aroni.

2UMose waloba ngokuhamba kwabo ngamabanga abo ngesiyalezo sikaJehova; nanka amabanga abo njengokuhamba kwabo.

3Basuka eRamsesi ngenyanga yokuqala ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga yokuqala; ngolwangakusasa emva kwephasika abantwana bakwa-Israyeli baphuma ngesandla esiphakemeyo emehlweni abo bonke abaseGibithe,

4abaseGibithe besembela onke amazibulo abo abulawa kubo nguJehova, uJehova ebahlulele nawonkulunkulu babo.

5Abantwana bakwa-Israyeli basuka-ke eRamsesi, bamisa eSukoti.

Numbers 33 illustration - Numbers Chapter 33

6Basuka eSukoti, bamisa e-Etamu eliseceleni kwehlane.

7Basuka e-Etamu, babuyela ePhi Hahiroti elingaphambi kweBali Sefoni; bamisa phambi kweMigidoli.

8Basuka eHahiroti, badabula phakathi kolwandle, baya ehlane, bahamba ibanga lezinsuku ezintathu ehlane lase-Etamu, bamisa eMara.

9Basuka eMara, bafika e-Elimi; e-Elimi kwakukhona imithombo eyishumi nambili yamanzi namasundu angamashumi ayisikhombisa; bamisa khona.

10Basuka e-Elimi, bamisa ngaseLwandle Olubomvu.

Numbers 33 illustration - Numbers Chapter 33

11Basuka eLwandle oluBomvu, bamisa ehlane laseSini.

12Basuka ehlane laseSini, bamisa eDofika.

13Basuka eDofika, bamisa e-Alushi.

14Basuka e-Alushi, bamisa eRefidimi, lapho kwakungekho manzi khona ukuba abantu baphuze.

15Basuka eRefidimi, bamisa ehlane laseSinayi.

Numbers 33 illustration - Numbers Chapter 33

16Basuka ehlane laseSinayi, bamisa eKibiroti Hathawa.

17Basuka eKibiroti Hathawa, bamisa eHaseroti.

18Basuka eHaseroti, bamisa eRitima.

19Basuka eRitima, bamisa eRimoni Pheresi.

20Basuka eRimoni Pheresi, bamisa eLibina.

Numbers 33 illustration - Numbers Chapter 33

21Basuka eLibina, bamisa eRisa.

22Basuka eRisa, bamisa eKehelatha.

23Basuka eKehelatha, bamisa entabeni yaseSheferi.

24Basuka entabeni yaseSheferi, bamisa eHarada.

25Basuka eHarada, bamisa eMakeloti.

Numbers 33 illustration - Numbers Chapter 33

26Basuka eMakeloti, bamisa eTahati.

27Basuka eTahati, bamisa eThera.

28Basuka eThera, bamisa eMitika.

29Basuka eMitika, bamisa eHashimona.

30Basuka eHashimona, bamisa eMoseroti.

Numbers 33 illustration - Numbers Chapter 33

31Basuka eMoseroti, bamisa eBene Jahakani.

32Basuka eBene Jahakani, bamisa eHori Hagidigadi.

33Basuka eHori Hagidigadi, bamisa eJothabata.

34Basuka eJothabata, bamisa e-Abrona.

35Basuka e-Abrona, bamisa e-Esiyoni Geberi.

Numbers 33 illustration - Numbers Chapter 33

36Basuka e-Esiyoni Geberi, bamisa ehlane laseSini eliyiKadeshi.

37Basuka eKadeshi, bamisa entabeni yaseHori eceleni kwezwe lakwa-Edomi.

38U-Aroni umpristi wakhuphukela entabeni yaseHori ngesiyalezo sikaJehova, wafela khona ngomnyaka wamashumi amane emva kokuphuma kwabantwana bakwa-Israyeli ezweni laseGibithe, ngenyanga yesihlanu ngolokuqala lwenyanga.

39U-Aroni wayeneminyaka eyikhulu namashumi amabili nantathu mhla efela entabeni yaseHori.

40UmKhanani, inkosi yase-Aradi, owahlala eningizimu ezweni laseKhanani, wezwa ngokufika kwabantwana bakwa-Israyeli.

Numbers 33 illustration - Numbers Chapter 33

41Basuka entabeni yaseHori, bamisa eSalimona.

42Basuka eSalimona, bamisa ePunoni.

43Basuka ePunoni, bamisa e-Oboti.

44Basuka e-Oboti, bamisa e-Iye Abarimi emkhawulweni wakwaMowabi.

45Basuka e-Iyimi, bamisa eDiboniGadi.

Numbers 33 illustration - Numbers Chapter 33

46Basuka eDiboni Gadi, bamisa e-Alimoni Dibilatayimi.

47Basuka e-Alimoni Dibilatayimi, bamisa ezintabeni zase-Abarimi ngaphambi kweNebo.

48Basuka ezintabeni zase-Abarimi, bamisa emathafeni akwaMowabi ngaseJordani ngaseJeriko.

49Bamisa ngaseJordani kusukela eBeti Jeshimoti kuze kufike e-Abela Shithimi emathafeni akwaMowabi.

50UJehova wakhuluma kuMose emathafeni akwaMowabi ngaseJordani ngaseJeriko, wathi:

Numbers 33 illustration - Numbers Chapter 33

51“Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Nxa niwela iJordani ukuba ningene ezweni laseKhanani,

52niyakuxosha bonke abakhileyo ezweni phambi kwenu, nichithe yonke imifanekiso yabo, nibulale zonke izithombe zabo ezibunjiweyo, nibhidlize zonke izindawo zabo eziphakemeyo,

53nidle ifa lezwe, nihlale kulo, ngokuba ngininikile izwe ukuba nilidle.

54Niyakulidla izwe ngenkatho ngokwemindeni yakini, abaningi nibanike ifa elikhulu, nabayingcosana nibanike ifa elincane, nakuphi lapho inkatho imudla khona umuntu, kuzakuba ngelakhe; niyakulidla ifa ngokwezizwe zawoyihlo.

55“ ‘Kepha uma ningaxoshi abantu bezwe phambi kwenu, labo enibashiyayo bayakuba njengezinkandi emehlweni enu nanjengameva ezinhlangothini zenu, banikhathaze ezweni enihlala kulo.

Numbers 33 illustration - Numbers Chapter 33

56Kuyakuthi njengalokho bengithi ngiyakwenza kubo, ngenze njalo nakini.’ ”

Chapter Complete

You have read Numbers 33

56 verses