Lumina
Numbers

The Daughters of Zelophehad; Joshua Chosen

Numbers 27·Zulu Bible

1Kwase kusondela amadodakazi kaSelofehadi kaHeferi kaGileyadi kaMakiri kaManase, awemindeni kaManase indodana kaJosefa; lawa angamagama amadodakazi akhe: oMahela, noNowa, noHogila, noMilka, noTirisa.

2Ema phambi kukaMose naphambi kuka-Eleyazare umpristi, naphambi kwezikhulu, naphambi kwayo yonke inhlangano ngasemnyango wetende lokuhlangana, athi:

3“Ubaba wafela ehlane; wayengekho phakathi kweviyo labahlanganyela uJehova kulo iviyo likaKora; kepha wafa ngesakhe isono engenamadodana.

4Igama likababa liyakusulelwani emndenini wakhe, lokhu engenandodana na? Siphe ifa phakathi kwabafowabo bakababa.”

5UMose wayiletha indaba yawo phambi kukaJehova.

Numbers 27 illustration - Numbers Chapter 27

6UJehova wakhuluma kuMose, wathi:

7“Amadodakazi kaSelofehadi akhulume kahle; uyakuwanika nokuwanika izwe eliyifa phakathi kwabafowabo bakayise ngokulidlulisela kuwo ifa likayise.

8“Wokhuluma kubantwana bakwa-Israyeli ngokuthi: ‘Uma umuntu efa engenandodana, wolidlulisela ifa lakhe kuyo indodakazi yakhe.

9Uma engenandodakazi, niyakunika abafowabo ifa lakhe.

10Uma engenabafowabo, niyakunika abafowabo bakayise ifa lakhe.

Numbers 27 illustration - Numbers Chapter 27

11Uma uyise engenabafowabo, niyakunika isihlobo sakhe esiseduze naye emndenini wabo ifa lakhe, alidle. Lokhu kuyakuba yisimiso sesahlulelo kubantwana bakwa-Israyeli, njengalokho uJehova emyalile uMose.’ ”

12UJehova wathi kuMose: “Khuphukela entabeni yase-Abarimi, ubheke izwe engibanikile lona abantwana bakwa-Israyeli.

13Lapho ulibonile, nawe uyakubuthelwa kubantu bakini, njengalokho wabuthwa u-Aroni,

14ngokuba ehlane laseSini ekulweni kwenhlangano nahlubuka ezwini lami lokungingcwelisa ngasemanzini phambi kwamehlo abo.” Lawa angamanzi aseMeriba laseKadeshi ehlane laseSini.

15UMose wayesekhuluma kuJehova, wathi:

Numbers 27 illustration - Numbers Chapter 27

16“UJehova uNkulunkulu wemimoya yenyama yonke makamise umuntu phezu kwenhlangano,

17ongaphuma phambi kwabo, angene phambi kwabo, abakhiphe, abangenise, ukuze inhlangano kaJehova ingabi njengezimvu ezingenamalusi.”

18UJehova wathi kuMose: “Zithabathele uJoshuwa indodana kaNuni, umuntu onomoya, ubeke isandla sakho phezu kwakhe,

19ummise ngaphambi kuka-Eleyazare umpristi naphambi kwayo yonke inhlangano, umnike isikhundla emehlweni abo.

20Uyakubeka udumo lwakho phezu kwakhe ukuba yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ilalele.

Numbers 27 illustration - Numbers Chapter 27

21Uyakuma phambi kuka-Eleyazare umpristi oyakumbuzela ngokunquma kwe-Urimi phambi kukaJehova; ngezwi lakhe bayakuphuma nangezwi lakhe bayakungena, yena nabo bonke abantwana bakwa-Israyeli kanye naye, yebo, yonke inhlangano.”

22UMose wenza-ke njengalokho uJehova emyalile; wamthatha uJoshuwa, wambeka phambi kuka-Eleyazare umpristi naphambi kwenhlangano yonke,

23wabeka izandla zakhe phezu kwakhe, wamnika isikhundla, njengalokho uJehova ekhulumile ngesandla sikaMose.

Chapter Complete

You have read Numbers 27

23 verses