Lumina
Numbers

Aaron's Rod That Budded

Numbers 17·Zulu Bible

1UJehova wakhuluma kuMose, wathi:

2“Khuluma kubantwana bakwa-Israyeli, uthabathe kubo izintonga, ibe nye kuleyo naleyo ndlu kayise, kuzo zonke izikhulu njengezindlu zawoyise, izintonga eziyishumi nambili; loba wena igama lalowo nalowo muntu entongeni yakhe.

3Uyakuloba igama lika-Aroni entongeni kaLevi, ngokuba kuyakuba yintonga inye kuleyo naleyo nhloko yezindlu zawoyise.

4Uyakuzibekela etendeni lokuhlangana ngaphambi kobufakazi, lapho ngihlangana khona nawe.

5Kuyakuthi umuntu engiyakumkhetha, intonga yakhe ihlume, ngenze ukuba kuphele ngakimi ukukhonona kwabantwana bakwa-Israyeli abakhonona ngakho ngani.”

Numbers 17 illustration - Numbers Chapter 17

6UMose wakhuluma kubantwana bakwa-Israyeli, zonke izikhulu zamnika izintonga ngayinye kuleso naleso sikhulu njengezindlu zawoyise, izintonga eziyishumi nambili.

7UMose wazibeka izintonga phambi kukaJehova etendeni lobufakazi.

8Kwathi ngolwangakusasa uMose wangena etendeni lobufakazi; bheka, intonga ka-Aroni yendlu kaLevi ibisihlumile, ivezile imiqumbe, iqhakazile izimbali, ithele ama-alimondi avuthiweyo.

9UMose wakhiphela bonke abantwana bakwa-Israyeli zonke izintonga ngaphambi kukaJehova, babheka, yilowo nalowo wathatha intonga yakhe.

10UJehova wathi kuMose: “Buyisa intonga ka-Aroni ngaphambi kobufakazi, igcinwe ibe luphawu kubahlubuki, ukuze uqede ukukhonona kwabo ngami ukuba bangafi.”

Numbers 17 illustration - Numbers Chapter 17

11UMose wenze njalo; njengalokho uJehova emyalile, wenze njalo-ke.

12Abantwana bakwa-Israyeli bakhuluma kuMose, bathi: “Bheka, siyaphela, siyashabalala, sishabalala sonke.

13Bonke abasondelayo abasondela etabernakele likaJehova bayakufa; siyakuphela sonke na?”

Chapter Complete

You have read Numbers 17

13 verses