Lumina
Nehemiah

Social Injustice

Nehemiah 5·Zulu Bible

1Kwaba khona ukukhala okukhulu kwabantu nawomkabo ngabafowabo abaJuda.

2Ngokuba babekhona abathi: “Thina namadodana ethu namadodakazi ethu sibaningi; masithole amabele ukuba sidle, siphile.”

3Babe khona nabathi: “Sibambisile ngamasimu ethu, nangezivini zethu, nangezindlu zethu; masithole amabele ngenxa yendlala.”

4Babe khona nabathi: “Sitshelekile imali yokuthela enkosini ngamasimu ethu nangezivini zethu.

5Nokho inyama yethu injengenyama yabafowethu, abantwana bethu banjengabantwana babo; bheka, sithobisa amadodana ethu namadodakazi ethu, abe yizigqila; amanye amadodakazi ethu asethotshisiwe; futhi awakho amandla ezandleni zethu, ngokuba amasimu ethu nezivini zethu sekungokwabanye.”

Nehemiah 5 illustration - Nehemiah Chapter 5

6Ngathukuthela kakhulu lapho ngizwa ukukhala kwabo nalawo mazwi.

7Inhliziyo yami isicabangile, ngathethisana nabakhulu nababusi, ngathi kubo: “Nina nonke nibiza inzalo omunye komunye.” Ngase ngibiza ibandla elikhulu ngabo.

8Ngathi kubo: “Thina njengamandla esinawo sihlengile abafowethu abaJuda ababethengiselwe abezizwe; seniyakuthengisa ngabafowenu, bathengiselwe kithi, na?” Bathula, abafumananga zwi.

9Ngathi futhi: “Akukuhle enikwenzayo; beningehambe yini ngokwesaba uNkulunkulu wethu ngenxa yokuthukwa kwethu ngabezizwe, izitha zethu, na?

10Nami nabafowethu nezinceku zethu sibatsheleke imali namabele. Ake siyeke ukubiza le nzalo.

Nehemiah 5 illustration - Nehemiah Chapter 5

11Ake nibuyisele namhlanje amasimu abo, nezivini zabo, neminqumo yabo, nezindlu zabo, nenxenye yekhulu yemali, neyamabele, neyewayini, neyamafutha enikubiza kubo kube yinzalo.”

12Base bethi: “Sizakubuyisela kubo, singabizi lutho kubo; sizakwenza njengokusho kwakho.” Ngase ngibiza abapristi, ngabafungisa ukuba benze njengalelo zwi.

13Ngavuthulula ingubo yami, ngathi: “UNkulunkulu makavuthulule kanjalo bonke abantu abangagcini leli zwi ezindlini zabo nasemfuyweni yabo; mabavuthululwe kanjalo, babe yize.” Lonke ibandla lathi: “Amen,” ladumisa uJehova. Abantu base benza njengalelo zwi.

14Futhi kusukela osukwini engamiswa ngalo ukuba ngibe ngumbusi wabo ezweni lakwaJuda, kwasemnyakeni wamashumi amabili kuze kube semnyakeni wamashumi amathathu nambili ka-Aritahishashita inkosi, iminyaka eyishumi nabili, mina nabafowethu asidlanga isinkwa sombusi.

15Kepha ababusi bokuqala ababe phambi kwami babebathwesile abantu, bathatha kubo isinkwa newayini kanye namashekeli angamashumi amane esiliva; nezinceku zachachaza phezu kwabantu; kepha mina angenzanga kanjalo ngenxa yokumesaba uNkulunkulu.

Nehemiah 5 illustration - Nehemiah Chapter 5

16Phezu kwalokho ngabambelela emsebenzini wogange, asithenganga zwe; zonke izinceku zami zabuthana khona emsebenzini.

17AbaJuda nababusi, abantu abayikhulu namashumi ayisihlanu, badla etafuleni lami, kanye nabafika kithi bevela kwabezizwe abasizungezayo.

18Okwalungiselwa usuku lwaba lunye nje kwakuyinkabi nezimvu eziyisithupha ezikhethekileyo; ngalungiselwa nezinyoni newayini eliningi lezinhlobo zonke kanye ngezinsuku eziyishumi; nokho angicelanga isinkwa sombusi, ngokuba ubugqila babusinda phezu kwalaba bantu.

19Ngikhumbulele, Nkulunkulu wami, ngenxa yakho konke engikwenzele laba bantu, kube kuhle kimi.

Chapter Complete

You have read Nehemiah 5

19 verses