Lumina
Nehemiah

Covenant Renewed

Nehemiah 10·Zulu Bible

1Abanamathelisa nampa: uNehemiya umbusi, indodana kaHakaliya, noSedekiya,

2noSeraya, no-Azariya, noJeremiya,

3noPhashuri, no-Amariya, noMalikhiya,

4noHathushi, noShebaniya, noMaluki,

5noHarimi, noMeremoti, no-Obadiya,

Nehemiah 10 illustration - Nehemiah Chapter 10

6noDaniyeli, noGinethoni, noBaruki,

7noMeshulamu, no-Abiya, noMijamini,

8noMahaziya, noBiligayi, noShemaya; labo babe ngabapristi.

9AmaLevi: uJeshuwa indodana ka-Azaniya, noBinuwi wamadodana kaHenadadi, noKadimiyeli,

10nabafowabo oShebaniya, noHodiya, noKelitha, noPhelaya, noHanani,

Nehemiah 10 illustration - Nehemiah Chapter 10

11noMika, noRehobe, noHashabiya,

12noZakuri, noSherebiya, noShebaniya,

13noHodiya, noBani, noBeninu.

14Izinhloko zabantu: oPharoshi, noPhahati Mowabi, no-Elamu, noZathu, noBani,

15noBuni, no-Azigadi, noBebayi,

Nehemiah 10 illustration - Nehemiah Chapter 10

16no-Adoniya, noBigivayi, no-Adini,

17no-Atheri, noHezekiya, no-Azuri,

18noHodiya, noHashumi, noBesayi,

19noHarifi, no-Anathoti, noNobayi,

20noMagiphiyashi, noMeshulamu, noHeziri,

Nehemiah 10 illustration - Nehemiah Chapter 10

21noMeshezabeli, noSadoki, noJaduwa,

22noPhelathiya, noHanani, no-Anaya,

23noHosheya, noHananiya, noHashubi,

24noHaloheshi, noPhiliha, noShobeki,

25noRehumi, noHashabina, noMahaseya,

Nehemiah 10 illustration - Nehemiah Chapter 10

26no-Ahiya, noHanani, no-Anani,

27noMaluki, noHarimi, noBahana.

28Abantu abaseleyo, abapristi, namaLevi, nabalindisango, nabahlabeleli, namaNethini, nabo bonke ababezahlukanisile nabantu bezwe ukuba bazihlanganise nomthetho kaNkulunkulu, nawomkabo, namadodana abo, namadodakazi abo, bonke ababe nolwazi nokuhlakanipha,

29babambelela kubafowabo, abakhulu babo, benza isithembiso nesifungo sokuba bahambe emthethweni kaNkulunkulu owanikwa ngesandla sikaMose inceku kaNkulunkulu, bagcine, benze yonke imiyalo kaJehova iNkosi yethu, nezahlulelo zakhe, nezimiso zakhe

30ukuba singabaniki abantu bezwe amadodakazi ethu, singathatheli amadodana ethu amadodakazi abo,

Nehemiah 10 illustration - Nehemiah Chapter 10

31nokuba lapho abantu bezwe beletha impahla, noma uhlobo oluthile lwamabele ngosuku lwesabatha ukuba bathengise ngakho, singathengi kubo ngesabatha nangosuku olungcwele, futhi siwuyeke umnyaka wesikhombisa nazo zonke izikwenetu.

32Futhi sazimisela umthetho wokuba sithele inxenye yesithathu yeshekeli ngomnyaka, ibe ngeyomsebenzi wendlu kaNkulunkulu wethu,

33eyesinkwa sokubukwa kanye nomnikelo wempuphu wemihla yonke nomnikelo oshiswa imihla yonke, neyamasabatha, neyokwethwasa kwenyanga, neyemikhosi emisiweyo, neyezinto ezingcwele, neyeminikelo yezono, ukuba kwenziwe ukubuyisana kuka-Israyeli nomsebenzi wonke wendlu kaNkulunkulu wethu.

34Senza inkatho thina bapristi namaLevi nabantu ngomnikelo wezinkuni ukuba zingeniswe endlini kaNkulunkulu wethu njengezindlu zawobaba ngezikhathi ezinqunyiweyo, iminyaka ngeminyaka, zibaswe phezu kwe-altare likaJehova uNkulunkulu wethu njengokulotshiweyo emthethweni,

35kulethwe endlini kaJehova ulibo lomhlabathi wethu nolibo lwezithelo zemithi yezinhlobo zonke iminyaka ngeminyaka,

Nehemiah 10 illustration - Nehemiah Chapter 10

36kulethwe endlini kaNkulunkulu wethu namazibulo amadodana ethu, nawezimpahla zethu njengokulotshiweyo emthethweni, namazibulo ezinkomo zethu nawezimvu zethu, kubapristi abakhonza endlini kaNkulunkulu wethu;

37silethe ulibo lomgqakazo wethu, neminikelo yethu yokuphakanyiswa, nezithelo zemithi yezinhlobo zonke, newayini namafutha kubapristi emakamelweni endlu kaNkulunkulu wethu, nokweshumi komhlabathi wethu kumaLevi, ngokuba wona amaLevi amukela okweshumi emizini yonke esilima kuyo.

38Umpristi, indodana ka-Aroni, ubeyakuba namaLevi, lapho amaLevi amukela okweshumi; amaLevi ayakukhuphulela okweshumi kokweshumi endlini kaNkulunkulu wethu emakamelweni endlini yengcebo.

39Ngokuba abantwana bakwa-Israyeli nabantwana bakwaLevi babeyakukhuphulela umnikelo wamabele, newayini, namafutha emakamelweni, lapho kukhona izitsha zendlu engcwele, nabapristi abakhonzayo, nabalindisango, nabahlabeleli; besingenakuyishiya indlu kaNkulunkulu wethu.

Chapter Complete

You have read Nehemiah 10

39 verses