1Khumbula, Jehova, esehlelwe yikho; bheka, ubone ihlazo lethu.
2Ifa lethu seliphendulelwe abafokazi, nezindlu zethu kwabezizwe.
3Siyizintandane, asinababa; omame banjengabafelokazi.
4Amanzi ethu siyawaphuza ngemali, izinkuni zethu ziza ngentengo.
5Abasixoshayo basezintayeni zethu; sikhathele, asinakuphumula.

6Sinike isandla sethu kulo iGibithe nakulo i-Asiriya ukuba sisuthe isinkwa.
7Obaba bona abasekho; thina sithwala ububi babo.
8Izigqila ziyasibusa; akakho osikhulula esandleni sabo.
9Sithola ukudla kwethu ngokuzidela amathambo ngenxa yenkemba yasehlane.
10Isikhumba sethu siyasha njengeziko ngokushisa kwendlala.

11Balala nabesifazane eSiyoni, izintombi zasemizini yakwaJuda.
12Izikhulu zaphanyekwa ngezandla zabo; ubuso babadala ababuhloniphanga.
13Izinsizwa zathwala amatshe okugaya, abantwana bakhubeka phansi kwezinkuni.
14Abadala baphelile esangweni, nezinsizwa ekuhlabeleleni kwazo.
15Intokozo yenhliziyo yethu iphelile; ukusina kwethu kuphenduke ukulila.

16Umqhele uwile ekhanda lethu. Maye kithina, ngokuba sonile!
17Ngalokho inhliziyo yethu idangele; ngalezi zinto amehlo ethu afiphele,
18ngenxa yentaba yaseSiyoni echithekile, zize zihambe kuyo izimpungushe.
19Wena Jehova umi phakade; isihlalo sakho sobukhosi sikhona ezizukulwaneni ngezizukulwane.
20Usikhohlelwani kuze kube phakade, usishiye izinsuku eziningi, na?

21Sibuyisele kuwe Jehova, siyakubuya; yenza izinsuku zethu zibe zintsha njengasendulo,
22ngokuba usilahlile nokusilahla, wasithukuthelela kakhulu.
You have read Lamentations 5
22 verses