1Base behlabelela oDebora noBaraki indodana ka-Abinohama ngalolo suku, bethi:
2“Ngokuba abaholi beholile kwa-Israyeli, ngokuba abantu bezinikela ngenhliziyo, bongani uJehova.
3“Yizwani nina makhosi; bekani indlebe nina zikhulu; mina, yebo, mina ngiyakuhlabelela kuJehova, ngihubele kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.
4“Jehova, ekuphumeni kwakho eSeyiri, ekusukeni kwakho ezweni lakwa-Edomi umhlaba wazamazama, namazulu aconsa, yebo, amafu aconsa amanzi.
5Izintaba zathuthumela ebusweni bukaJehova, yebo, nalo iSinayi lelo, ebusweni bukaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.

6“Ezinsukwini zikaShamgari indodana ka-Anati, ezinsukwini zikaJayeli imendo yayishiyiwe; ababeyakuhamba ngemendo bahamba ngemikhondo.
7Abaholi baphela kwa-Israyeli, banqamuka, ngaze ngavuka mina Debora, ngavuka ngingunina kwa-Israyeli.
8Bakhetha onkulunkulu abasha; lapho kwafika impi emasangweni; kwabonwa isihlangu noma umkhonto yini phakathi kwezinkulungwane ezingamashumi amane kwa-Israyeli na?
9Inhliziyo yami ikubabusi bakwa-Israyeli abazinikelayo ngenhliziyo phakathi kwabantu; bongani uJehova.
10“Nina enigibela izimbongolo ezimhlophe, nina enihlezi emacansini, nani enihamba ngendlela, kulandeni.

11Ekwahlukaniseni impango phakathi kwemiqengqe yamanzi balanda khona izenzo ezilungileyo zikaJehova, ukulunga kokubusa kwakhe kwa-Israyeli; khona abantu bakaJehova behlela emasangweni.
12“ ‘Vuka, vuka, Debora! Vuka, vuka, uhube ihubo! Vuka, Baraki, uthumbe abathunjwa bakho, wena ndodana ka-Abinohama!’
13“Khona wayenza insali ukuba ibuse abakhulu; abantu bakaJehova bangibeka ukuba ngibuse iziqhwaga.
14Kwavela kwa-Efrayimi abampande yabo ikuma-Amaleki; emva kwakho nguBenjamini phakathi kwabantu bakho. KwaMakiri kwavela ababusi, kwaZebuloni abaphethe intonga yomholi.
15Izikhulu zakwa-Isakare zazinaye uDebora; njengo-Isakare, kanjalo noBaraki; behlela ngokushesha esigodini ezinyathelweni zakhe. Ngaseminonjaneni yakwaRubeni kwakukhona ukululekana okukhulu kwenhliziyo.

16Wahlalelani ezibayeni zezimvu ukuzwa ikhwelo lemihlambi na? Ngaseminonjaneni yakwaRubeni kwakukhona ukululekana okukhulu kwenhliziyo.
17UGileyadi wahlala phesheya kweJordani; uDani walibalelani emikhunjini na? U-Asheri wahlala ngasogwini lolwandle, wasala ngasemathekwini akhe.
18UZebuloni wayengabantu abazidela kwaze kwaba sekufeni, uNafetali kanjalo ezindaweni eziphakemeyo zezwe.
19“Amakhosi afika alwa, alwa amakhosi aseKhanani eThahanaki ngasemanzini aseMegido; awathathanga nzuzo yamali.
20Kwaliwa ezulwini; izinkanyezi ezindleleni zazo zalwa noSisera.

21Umfudlana iKishoni wabakhukhula, umfudlana wamandulo, umfudlana iKishoni. Awu, mphefumulo wami, nyathela ngamandla.
22Khona zadubuza izinselo zamahhashi ngokugadula, ukugadula kwezinkweli zawo.
23‘Qalekisani iMerozi,’ kwasho ingelosi kaJehova; ‘qalekisani nokuqalekisa abantu balo, ngokuba abezanga ukumsiza uJehova ukuba bamsize uJehova ukulwa neziqhwaga.’
24“Uyakubusiswa phezu kwabesifazane uJayeli umkaHebere umKheni, abusiswe phezu kwabesifazane basematendeni.
25Wacela amanzi, wamupha ubisi, wamlethela amangqanga ngesitsha samakhosi.

26Wafaka isandla sakhe esikhonkwaneni, esokunene sakhe esandweni sezisebenzi; ngesando wamshaya uSisera, wadebeza ikhanda lakhe, yebo, wamgqobhoza, wambhoboza esikhaleni sendlebe.
27Wakhothama ngasezinyaweni zakhe, wawa, walala; ngasezinyaweni zakhe wafola, wawa; lapho wakhothama khona, wawela khona efile.
28“Wabheka efasiteleni, wamemeza, unina kaSisera wathi eheleni: ‘Inqola yakhe ilibalelani ukufika na? Zilibaziselwani izinyawo zezinqola zakhe na?’
29Amakhosazana akhe ahlakaniphileyo amphendula, yebo, wazibuyisela yena uqobo impendulo ngokuthi:
30‘Angithi batholile babelana impango? Intombi, yebo, izintombi ezimbili endodeni ngayinye; kuSisera impango yezingubo ezinemibala, impango yezingubo ezinemibala ezifekethisiweyo; izingubo ezimbili ezinemibala ezifekethisiweyo zezintamo zaba yimpango.’

31“Mazibhubhe kanjalo zonke izitha zakho, Jehova; kepha abamthandayo mababe njengelanga, lapho liphuma ngamandla alo.” Izwe selaba nokuthula iminyaka engamashumi amane.
You have read Judges 5
31 verses