Lumina
Job

Behemoth

Job 40·Zulu Bible

1UJehova wayesemphendula uJobe, wathi:

2“Osolayo uyakuphikisana noSomandla na? Omkhuza uNkulunkulu makaphendule.”

3UJobe wamphendula uJehova, wathi:

4“Bheka, angiyinto yalutho; ngingakuphendula ngokuthini na? Ngibeka isandla sami emlonyeni wami.

5Ngikhulumile kanye, angisayikuphendula, yebo, kabili, kepha angiqhubeki.”

Job 40 illustration - Job Chapter 40

6UJehova wayesemphendula uJobe esesikhwishikhwishini, wathi:

7“Bopha izinkalo zakho njengendoda; ngizakukubuza, wena ungazise.

8Imbala uyachitha ukwahlulela kwami, ungilahle ukuba ube ngolungileyo, na?

9Unengalo njengoNkulunkulu, ungaduma ngezwi elinjengelakhe, na?

10Zihlobise ngobukhosi nangokuphakama, wembathe udumo nenkazimulo.

Job 40 illustration - Job Chapter 40

11Thulula ukuphuphuma kwentukuthelo yakho, ubheke bonke abazidlayo, ubathobise.

12Bheka bonke abaziphakamisayo, ubehlise phansi, unyathele ababi ezindaweni zabo.

13Bafihle othulini kanyekanye, ubophe ubuso babo endaweni ethukusiweyo.

14Khona ngiyakukudumisa nami ngokuthi isandla sakho sokunene singakusindisa.

15“Ake ubheke uBehemoti engamenza kanye nawe; uyadla utshani njengenkabi.

Job 40 illustration - Job Chapter 40

16Bheka-ke, amandla akhe asezinkalweni zakhe, nezikhwepha zakhe zisemisipheni yesisu sakhe.

17Uqinisa umsila wakhe njengomsedari; imisipha yamathanga akhe yalukene.

18Amathambo akhe anjengemibhobo yethusi; izimbambo zakhe zinjengemigoqo yensimbi.

19Ungowokuqala wezidalwa zikaNkulunkulu; ekwenziweni waphiwa inkemba yakhe.

20Izintaba ziyamvezela ukudla, lapho kudlala khona izilwane zonke zasendle.

Job 40 illustration - Job Chapter 40

21Ulala phansi kwezihlahla ezinomthunzi ekusitheni kwemihlanga nasemaxhaphozini.

22Izihlahla ezinomthunzi ziyamsibekela ngomthunzi wazo; iminyezane yasemfuleni iyamphahla.

23Bheka, noma kuphuphuma umfula, akethuki; uyaqalaba, noma iJordani ligijigijimela emlonyeni wakhe.

24Angabanjwa ebhekile, liqhunjuzelwe ikhala lakhe umkhala, na?

Chapter Complete

You have read Job 40

24 verses